OweChiefs uvuma ukushisa kwensimbi yabaqeqeshi abasha
– Sibongiseni Gumbi
Indlela amalungiselelo esizini entsha aqale ngayo kwiKaizer Chiefs enza unozinti uBrandon Petersen abone kuzobahambela kangcono kulokhu.
IKaizer Chiefs iwaqale kuleli amalungiselelo ngaphambi kokuthi iye eTurkey la izohlala khona okungenani amaviki amathathu.
Ngesikhathi iwaqala kuleli, bese befikile abambalwa bethimba elisha labaqeqeshi futhi uPetersen uthi basifake sazwela isitilobho.
Kuvele ke kuke kwashiwo ukuthi kuzophela ukudembesela kubadlali beKaizer Chiefs ngaphansi kobuholi bukaNasreddine Nabi.
UPetersen ube nengxoxo nabeSuperSport TV ngamalungiselelo abo kuze kube manje.
“Ukuhamba neqembu kuyithuba lokuthi sakhe ubudlelwane,” kusho uPetersen.
“Amakhempu afana nalawa asizayo ekuqiniseni ubudlelwano eqenjini.
“Ukuhlala isikhathi eside ndawonye kuhle. Kujwayele ukuthi kube yizinsuku noma ezimbili, kodwa lapha kuzoba amasonto amathathu.
“Okwamanje kusekuhle nje konke,” kuchaza lo nozinti oneminyaka engu-29.
“Amaviki amabili okuqala okulungiselela isizini eNingizimu Afrika abenzima kakhulu.
“Ikakhulukazi njengoba kukhona labantu abasha – umlolongi wemizimba, iphini lomqeqeshi nomqeqeshi wonozinti.
“Basifakile impela. Bekwehlukile, ikakhulukazi kithi njengonozinti,” kuqhuba yena.
Uthe indlela yokwenza abafike nayo yehluke kakhulu kunabayijwayele.
“Ngokuvamile, siqala kancane size siqinise mhlawumbe ngemuva kwamaviki amabili.
“Kodwa kulokhu siqale ngegiya eliphezulu. Izinsuku ezimbili zokuqala bezinzima kakhulu.
“Ngosuku lwesithathu kuya le bese kuqala ukuba ngcono, sekujwayeleka impela nathi sesizizwa siqinaqinile.
“Manje sesijwayele futhi sesikubheke ngabomvu ukuqhubeka namaluniselelo esizini ezayo.”
Ube esebuzwa nangokunyuswa kwabafana abasebancane abafakwe eqenjini elikhulu futhi abasekhempini kumanje.
“Ngicabanga ukuthi njengoba nami ngaphuma enkulisa, ngiyazi kubaluleke kangakanani ukunyuselwa eqenjini elikhulu.
“Ngiyazi kubaluleke kanjani ukwamukelwa ngezandla ezimhlophe uzizwe uyingxenye yeqembu.
“Baseza kahle, banethalente elihle. Abanye babo basibonise imilingo.
OLUNYE UDABA: UMosimane uveza imizwa yakhe ngokwenzeke kuMokwena
“Sizobasiza ukuze bakwazi ukusheshe bangene eqenjini, kwazi bani bengagcina beyizihlabani zeqembu.”