EzintshaKaizer Chiefs

Kungani kube uNasreddine Nabi? UJesicca uyachaza

UNasreddine Nabi useqinisekisiwe njengomqeqeshi olandelayo weKaizer Chiefs onikezwe umsebenzi wokukhipha leli qembu lodumo odakeni eselibhajwe kulo iminyaka eyisishiyagalolunye. 

Isinqumo sokubuyela kuyena ngemuva kokumyeka ngesizini edlule sekube yindaba egudwini ebholeni lakuleli. 

Kodwa uJesicca, ongumqondisi wezokumaketha kule kilabhu, uchaze ngokwenze baqashe lo somaqhinga waseTunisia. 

“Ngikholwa wukuthi senze wonke umsebenzi ukuqinisekisa ukuthi sineqembu elifanele, nmqeqeshi ofanele ozokhuphulela iChiefs kwelinye izinga,” usho kwabezindaba kuleli sonto.

“Siwubheke ngabomvu umsebenzi wakhe ngokuhlanganyela nethimba alihlanganisile nabadlali abancane nabadlali abadala akade beyingxenye yeqembu.”

UJesicca ube esencoma ukubambisana komqondisi wezemidlalo eqenjini, uKaizer Motaung Jr. nemenja yeqembu uBobby Motaung ngokuqoka uNabi ngemuva “kokuzulazula umhlaba wonke” bethungatha umqeqeshi ofanele. 

“Sibheke izinto eziningi, sibheke umqeqeshi ofanele oseke waqeqesha ezwenikazi lonke,” kuchaza yena.

“Sibheke umqeqeshi oliqondayo igama leChiefs, osiqondayo lapho sifuna ukuya khona. “Umqeqeshi onentshisekelo nolobi wempumelelo, uthando lweChiefs nokunye okuningi,” kwengeza le ntokazi.

“Kumele ngincome umqondisi wezemidlalo nomnyango wonke webhola nemenenja yebhola ngomsebenzi omkhulu abawenzile. 

“Sibheke idlanzana labaqeqeshi nezethulo abazenzile, sabuye sacubungula kahle ukuthola ithimba elifanele ukusebenzisana nathi.

“Kumele ngibabongele ngalowo msebenzi futhi ngijabule, sizobaxhasa njengebhodi, njengekilabhu nanjengabalandeli ukwenza isiqiniseko sokuthi iChiefs iya lapho idinga ukuya khona.”