EzintshaKaizer Chiefs

Kucaciswa okwenza iKaizer Chiefs ingasayini mdlali

IKaizer Chiefs ithule ngendlela esiqala ukubakhathaza abalandeli njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali nje. 

Abalandeli bamagange ukuzwa ukuthi iKaizer Chiefs itheze kanjani ukuqinisa iqembu ngesizini ezayo. 

Njengoba uumqeqeshi omusha uNasreddine Nabi esethuliwe, ithemba selikhule kakhulu ngokuthi nabadlali abasha bazokwethulwa maduze.

Kuze kube yimanje ushintsho olwenzekile kwiKaizer Chiefs wukukhululwa kwabadlali abane okungoKeagan Dolly, Sifiso Hlanti, Njabulo Ngcobo noSiyethemba Sithebe. 

Naphezu kwalokhu kushiya, ikilabhu isazomemezela abadlali abasha esikwatini. 

Nokho umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, uBongani Sam, ubonakale ezilolonga neqembu, okuqubule amahlebezi okuthi angase asayine.

Imibiko iphinde yaveza ukuthi uNabi ucele ukuthengelwa komgadli waseCongo, uFiston Mayele nabanye abadlali ukuze kuqiniswe isikwati. 

Lokhu kukhuphule okulindelwe ngabalandeli, abaningi banethemba lokuthi kuzoba nentuthuko enkulu ngaphansi kobuholi bomqeqeshi omusha.

Ephendula ngokuphelelwa yisineke kwabalandeli, umqondisi wezokukhangisa weqembu, uJessica Motaung, uthe abangakhathazeki. 

“Siyayisebenza leyo,” eqinisekisa abalandeli kwaabezindaba ngoMsombuluko kwethulwa iToyota Cup. 

“Sinikeze umqeqeshi osanda kungena nethimba lakhe nabanye ithuba lokuphothula leyo mininingwane.

“Siyasebenza esithe, asimile, kodwa kumele sivumele umqeqeshi ukuthi afike kuqala futhi abe yingxenye yezinqumo ezizothathwa. 

“Ngakho lezo zimemezelo zizokwenziwa maduze nje,” kuchaza le ntokazi engumafungwase waseNaturena. 

La mazei kaJessica aqinisekisa abalandeli ukuthi ikilabhu imatasatasa ngokuqinisa isikwati. 

Isethembiso sezimemezelo ezizayo siletha inhlansi yethemba kubalandeli abalangazelela ukubona ithalente elisha kwiKaizer Chiefs, njengoba bebheke isizini engcono kulokhu.