EzintshaKaizer Chiefs

Uselaxaze iChiefs wabuyela eMorocco umqeqeshi

Imibiko yakamuva iveza ukuthi ilungu eliqavile lethimba elisanda kuqokwa labaqeqeshi kwiKaizer Chiefs selishiye igubhukane. 

UFernando Da Cruz, osanda kujoyina Amakhosi, usebuyele eMorocco kungazelelwe. 

Lesi senzo sishiye kungazelele muntu ekhempini yeKaizer Chiefs njengoba ibilungiselela isizini emqoka ngaphansi kobuholi obusha.

Intatheli yebhola ehlonishwayo e-Afrika, uMickey Junior, yiyo ekhiphe lezi zindaba ngeSonto ebusuku.

Udalule ukuthi uDa Cruz kungenzeka abuyele kwi-AS FAR Rabat, ikilabhu ayebambe kuyo isikhundla somqeqeshi phambilini. 

Lesi sinqumo sithuse abaningi ikakhulukazi uma kubhekwa ukuthi uDa Cruz ubenesonto elilodwa kwiKaizer Chiefs. 

Ngalesi sikhathi ubebambe izintambo njengoba ebengekho umqeqeshi uNasreddine Nabi obesabambezeleke khona eMorocco kwi-AS FAR Rabat.

Izinto sezijike ngokushesha. Kubukeka sengathi i-AS FAR Rabat, edinga umqeqeshi, ixhumane noDa Cruz ukuze athathe lo msebenzi oshiywe uNabi. 

Ukushiya kukaDa Cruz kusho ukuphazamiseka okukhulu kwezinhlelo zeChiefs, njengoba bekumele abambe iqhaza elibalulekile njengephini likaNabi.

“UFernando Da Cruz kumanje useMorocco, ngingaqinisekisa lokho,” kubika uMickey Junior. 

“Ubengekho ngesikhathi uNabi efika eTurkey namuhla (ngeSonto). UDa Cruz uphambili ohlwini lwabaqeqeshi abafnwa iFAR Rabat.”

Ukuhamba kukaDa Cruz ngaphambi kokuthi ithimba labaqeqeshi liqale ngokugcwele umsebenzi walo akungabazeki kushiya isikhala esikhulu.