UBobby Motaung weChiefs ‘uhlwaya ikhono’ eSwatini
– Intatheli yeLisenethini
Isikhulu seKaizer Chiefs, uBobby Motaung ubeseSwatini ngempelasonto ehambele i-One Nation Tournament njengesivakashi.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi ekuleli lizwe uBobby Motaung uthe uzobe eqaphe noma yiliphi ithalente okungenzeka libe khona.
IChiefs kulindeleke ukuthi isayinise abadlali abasha njengoba ilungiselela isizini entsha, kanti phambilini uBobby Motaung nguyena obejutshwe ukusayinisa abadlali.
Kodwa lo msebenzi usudluliselwe kuKaizer Motaung Junior ongumqondisi wezemidlalo weqembu.
“Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung ukuleli ukuzobuka i-One Nation Tournament edlalwa eSomhlolo National Stadium njengesimenywa seLungu lePhalamende uCruiser Ngcamphalala.
“Lesi sikhulu sithe sizobe sivule amehlo ukubona noma yiliphi ithalente ngesikhathi sikuleli,” kubhala i-Eswatini Observer.
Owayengumdlali weChiefs, uHumphrey Mlwane kuleli sonto ucashunwe ethi kunabadlali abaseqophelweni eliphezulu eSwatini.
Uthe uzofonela uBobby Motaung emazise ngabo ngenhloso yokuthi balethwe eNingizimu Afrika.
“Bonke abadlali bakudala abasayinwa yiChiefs eSwatini babesezingeni elihle,” ucashunwe esho kanje uMlwane kwiKickOff.
Wathi kunabadlali ababonile ngesikhathi i-Eswatini ibhekene neBafana Bafana kwiCosafa Cup eGqeberha ngoLwesithathu.
“Unozinti uXolani Gama ubengomunye wabadlali bami kwiMalanti Chiefs,” kusho uMlwane oke waqeqesha Eswatini.
“Bebesebenzisa abafana abasebancane kodwa abahle ikakhulukazi uBongwa Matsebula noThubelihle Mavuso.”
Uthe njengoba abanye besebancane, bengafakwa emaqenjini ezinkulisa, ikakhulukazi eleDStv Diski Challenge.
OLUNYE UDABA: Bathutheleka kwiRichards Bay abashelwe amanzi eGauteng
Uveze ukuthi okuhle ngabo wukuthi bazotholakala ngemali encane ngoba abakaduli kakhulu abadlali eSwatini.