UMokwena wemukelekile kwiSpurs, kusho isikhulu
Intatheli yeLisenethini
Usihlalo weCape Town Spurs, u-Ari Efsthathiou akanankinga nokuthi uRulani Mokwenza asondele e-Ikamva, ikomkhulu laleli qembu.
URulani Mokwena uveze isifiso sakhe sokusebenza nomqeqeshi weSpurs, u-Ernst Middendorp kulandela ukuxoshwa kwakhe kwiMamelodi Sundowns.
Ebuzwa ukuthi usengabuyela yini ekubeni yiphini, uRulani Mokwena uthe lokho engakwenza kumqeqeshi oyedwa kuphela – uMiddendorp.
Ukusho lokhu ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide ngesonto eledlule kulandela ukuxoshwa kwakhe kwiSundowns.
U-Efsthathiou uthi uzwile ngalesi sifiso sikaMokwena futhi sibenza bathobeke, kodwa ngeke okwamanje bamqashe.
“Impela ngike ngezwa ngokuthi uRulami Mokwena unesifiso sokusebenza nomqeqeshi wethu u-Ernst Middendorp.
“Njengamanje asinaso isikhala,” kuchaza lesi sikhulu kwiKickOff ngempelasonto.
“Kodwa wemukelekile ukuthi afike noma nini azosivakashela. Inkinga wukuthi sesinalo vele ithimba labaqeqeshi.
“Kodwa uma efisa ukuzosibona, ahlale isikhashana nathi , asinankinga nalokho, kulungile.”
U-Efsthathiou uthe uyawuhlonipha umsebenzi kaMokwena futhi wamfisela okuhle ngekusasa lakhe.
“Wenze umsebenzi omuhle njengomqeqeshi, mhlawumbe udinga inselelo entsha manje, aphinde azibonakalise kakhulu kunakuqala.
“Kwesinye isikhathi uma kuvaleka omunye umnyango, omunye uyavuleka.
“Ngicabanga ukuthi into engaba yinselelo entahs kuye wukuthatha umsebenzi eqenjini elingacebile njengoMamelodi Sundowns.
“Yilapho okuhloleka khona ikhono lakho lokuqeqesha, eqenjini elincane la kumele usebenze ngemali encane.
“Yinselelo enkulu leyo, ngokucabanga kwami, kunoma yimuphi umqeqeshi.”
Nokho kungenzeka agcine kwelinye iqembu elicebile uMokwena njengoba kuvela ukuthi kunamaqembu aseMorocco amfunayo.
Kuthiwa iWydad Athletic izimisele ngaye futhi seyimile ekuxoxeni nabanye abaqeqeshi njengoba ilinde yena ayiphendule esicelweni sayo.
OLUNYE UDABA: Ucasha ngesithupha uJohnson ngokuxoshwa kwiChiefs
Ne-AS FAR Rabat, ebiqeqeshwa uNasredine Nabi osekwiKaizer Chiefs, kuvela ukuthi ike yabuza ngaye uMokwena.