ULorch nesethembiso esikhulu kubalandeli beDowns
– Sibongiseni Gumbi
UThembinkosi Lorch usethembise abalandeli beMamelodi Sundowns ukuthi uzoshaya amagoli angaphezu kuka-10 ngesizini ezayo.
Wenza lesi sethembiso nje uvele uThembinkosi Lorch ungomunye wabadlali ababhekiwe ngesizini ezayo njengoba esanda kufiika kuleli qembu.
Ubeyingxenye yethimba leMamelodi Sundowns ngesikhathi lihambele eLimpopo ngempelasonto, lapho ehlangane khona nabalandeli waphinde wabatshela ngezifiso zakhe zesizini ezayo.
Phakathi nohambo, omunye umlandeli umbuze ukuthi mangaki amagoli angabathembisa woma kwisizini entsha.
“Nginganithembisa amagoli angaphezu kuka-10,” kuphendula uLorch, eshayelwa ihlombe.
UThembinkosi Lorch uqale ngendlela encomekayo umsebenzi wakhe kwiMamelodi Sundowns, evalela phakathi amagoli amqoka futhi wathola indondo yakhe yokuqala yokuwina iDStv Premiership.
Kodwa-ke, idumela lakhe like laphazamiseka ngesikhathi efaka ividiyo yakhe ezijuxuza namantombazane
Naphezu kokuphazamiseka, uLorch usazimisele futhi ugxile ekululameni kwakhe. Njengamanje usalulama futhi akayona ingxenye yeqembu njengoba liqala amalungiselelo esizini ezayo.
Ukuzibophezela kwakhe ekubuyeni ngamandla nesethembiso sakhe samagoli kubuyise ithemba nesasasa kubalandeli beSundowns.
Njengoba iqembu lilungiselela enye isizini, isifungo sikaLorch sokulishayela amagoli angaphezu kuka-10 sikhombisa ukuzethemba kwakhe.
Abalandeli sebezokulindela ngabomvu ukubuyela kwakhe ekubeni sesimweni esigculisayo nomthelela azoba nawo enkundleni.
OLUNYE UDABA: UMokwena wemukelekile kwiSpurs, kusho isikhulu
Ngethalente nokuzimisela kwakhe, uLorch usengaba umdlali oqavile futhi ongayisiza kakhulu iSundowns ngesizini ezayo.