EzintshaKaizer Chiefs

Sithebe: Bangibambisa udonga kwiKaizer Chiefs

USiyethemba Sithebe, oneminyaka engu-31, ube phakathi kwabadlali abambalwa abaphelelwe yizinkontileka, bakhonjwa indlela ngesonto eledlule. 

Amakhosi abe nesizini embi kunawo wonke, aqeda ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi yeDStv Premiership.

USiyethemba Sithebe ujoyine iGlamour Boys esuka kuMaZulu ngo-2022 kodwa wadlala imidlalo engu-39 kuphela kuyona yonke imiqhudelwano. 

Isikhathi sakhe ekilabhini siphazanyiswe yizinkinga zokulimala ezazimvimbela ukuthi abe nomthelela omkhulu enkundleni.

Ekhuluma nephephandaba iDiski Times, uSithebe uzwakalise ukushaqeka ngokuphuma kwakhe, wathi wayezitshela ukuthi imenenja yakhe neqembu basazoxoxisana. 

Nokho kwathi engazelele, wabizelwa ehhovisi watshelwa ukuthi noma usengabuyela ekhaya ngoba ngeke yelulwe inkontileka yakhe.

“Engingakusho wukuthi bengidlala emuva ekulimaleni,” kusho uSithebe etshela iDiski Times.

“Kuthe uma ngikhuluma nomqondisi (uKaizer Motaung Junior) ngaphambi kokuthi ngigoduke, wathi sizoxoxa, ngabe sengibuya ukuzoxoxisana nabo. 

“Ngakho, bekuphakathi kwezinto ezimbili: ukuxoxisana ngokwengeza enye isizini noma inkontileka entsha.

“Ngicabanga ukuthi bathathe isinqumo sokuthi bangayivuseleli, lokho kusobala. 

“Kodwa njengomdlali, kuyathusa lokhu, bengingakulindele, kodwa ibhola linjalo ke.”

USithebe sekubhekwe ukuthi aqale impilo entsha kanti njengamanje ukhonjwa kwiRichards Bay.