‘Kuzolimaza iBafana ukuxoshwa kukaMokwena kwiDowns’
– Alfred Ngubane
UMazwi Mkhize, ongumengameli weSafa eThekwini, uthi uzombuleka izinqe uHugo Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana ngokuxoshwa kukaRulani Mokwena kwiMamelodi Sundowns.
URulani Mokwena uxoshwe ngasekuqaleni kweviki kwiSundowns, kanti ubenconywa ngokwakha abadlali abaqinile nabasiza kwiBafana Bafana.
Manje njengoba esechithiwe nje uRulani Mokwena, uMkhize ubona izosokola neBafana Bafana kaHugo Broos.
“Ukudlala kahle kweBafana bekwenziwa ngabadlali beMamelodi Sundowns,” kusho uMkhize ngokungahlonizi.
“Manje uBroos uzombuleka izinqe ngoba abadlali beSundowns bazoshintsha leli bhola abalidlalayo ikakhulukazi uma kulandwa umqeqeshi wangaphandle.
“Lokho ke kuzobe sekulimaza neBafana,” kuchaza uMkhize obekhuluma neLisenethini ngemuva kokuthula abaxhasi abasha beSafa eThekwini.
Le nhlangano yethu i-Azelis ngengabaxhasi bayo abasayine isivumelwano seminyaka emithathu.
UBoston Azelis Moonsamy ongumnikazi we-Azilis, uthe baxhasa iSafa eThekwini ukuthi ngenhloso yokuthi kuthuthukiswe ibhola kulesi sifunda.
Uphinde wathi ufake imali engu-R1-million iminyaka emthathu.
OLUNYE UDABA: Bangibambisa udonga kwiKaizer Chiefs
Kuzokhumbuleka ukuthi iSafa eThekwini ihamba phambili ngokungenisa abaxhasi njengoba inabaxhasi abane kumanje.