EzintshaOrlando Pirates

IPirates ingase ilahlekelwe umdlali ofunwa awaphesheya

Kubikwa ukuthi lamaqembu asevelile kwi-Orlando Pirates futhi akubeka azimisele ukukukhokha ukuze adayiselwe lo mgadli. 

Nokho i-Orlando Pirates isawalindisile lamaqembu okuthiwa kukhona kuwo elaseRomania nelaseBelgium njengoba isacabanga ukuthi ivume yini. 

Ilanga libika ukuthi lamaqembu afuna ukudayiselwa uTshegofatso Mabasa oshaye amagoli angu-16 kwiDStv Premiership ngesizini edlule.

Nguye ohambe phambili ngamagoli ngemuva kokubuyela kwiPirates esuka kwiMoroka Swallows abebolekiswe kuyo. 

Yize ebewashaya amagoli nakwiSwallows, kodwa ubuyele ekhaya phakathi nesizini kulandela ukuqubuka kwenkinga yemali kuleli qembu. 

Okwamanje iPirates kuvela ukuthi isawapakisile lamaqembu njengoba akubekile kungayigculisi.

Futhi kuthiwa isabheke ukubona awekho yini amanye azoqhamuka nokungcono.

“Aseyibekile nemali afuna ukumthenga ngayo,” kucashunwe umthombo usho kanje kulo mbiko. 

“Kodwa-ke iPirates ayikaphenduli njengoba imatasa ihlela ukuyokwenza amalungiselelo okuqala kwesizini eSpain. 

“Njengoba ingatatazeli nje ukuphendula la makilabhu, wukuthi ayifuni ukuxhamazela. 

“Inethemba lokuthi kungenzeka kuqhamuke amanye akhona e-Europe nokungcono njengoba izohlala amasonto amabili eSpain ingcweka namakilabhu ehlukene. 

“Empeleni nje ayigculisekile ngalokhu okubekwa yila makilabhu.”

Uma igcina ivumile ukumdayisa uMabasa iPirates, ngeke isokole njengoba ivele iqine kahle phambili. 

Uma ehamba, izosala noZakhele Lepasa, u-Evidence Makgopa, uRelebohile Mofokeng, uPatrick Maswanganyi noKabelo Dlamini.