BUKA: Kugqame ubuso obusha ejimini yeKaizer Chiefs
– Sibongiseni Gumbi
Kubonwe ubuso obusha eqenjini leKaizer Chiefs kwividiyo ephanyekwe yileli qembu ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto ekuseni.
Njengamanje iKaizer Chiefs isekhempini eTurkey, izilungiselela isizini yeDStv Premiership okulindeleke ukuthi ibe ngeshubile.
IChiefs ifake ividiyo yeqembu lizivivinya, kodwa okuthathe amehlo abaningi wukubonakala kobuso obusha eqenjini.
Lo mdlali omusha nguManqoba Ozoemena, osanda kukhushulelwa eqenjini elikhulu esuka enkulisa yeChiefs.
Yize u-Ozoemena – onobuzwe baseNingizimu Afrika neNigeria – engakazakheli igama eqenjini elikhulu, unconywa kakhulu ngekhono lakhe.
“Sanibona sizwe seKhosified,” iklabhu ibhale kanje iphelezela le vidiyo.
“Isiqephu sethu sokuqala sokuziqeqesha kwangaphambi kwesizini eTürkiye.
“Abafana baphapheme, futhi amandla nomfutho kusezingeni elihle impela.”
Le vidiyo ikhombisa abadlali beKaizer Chiefs beziqeqesha, besebenza kanzima ukwakha ukuzwana nokuziqinisa ngaphambi kwesizini ezayo.
Okunye okuqaphelekayo wukuthi umqeqeshi omusha weChiefs, uNasreddine Nabi, akakahlangani neqembu lakhe eTurkey.
Imibiko ikhomba ukuthi ubanjwe umkhuhlane ngesikhathi esendleleni futhi kudingeke ukuthi athi gozololo eBelgium izinsukwana ukuze alulame.
Manje kulindeleke ukuthi ajoyine iqembu lakhe elisha ngoMsombuluko ekuseni, ngokwemibiko eyahlukene.
Njengoba sekusondele isizini entsha, ikhempu yeKaizer Chiefs ibhekwe ngabomvu.
Abalandeli balindele ngabomvu ukubona ukuthi u-Ozoemena ufakwa kanjani eqenjini nokuthi yiziphi izinguquko uNabi azoziletha.
Amalungiselelo aseTurkey asho ukuqala kwesizini ethembisa ukuthi izoba mnandi kuMakhosi.
OLUNYE UDABA: ‘Kuzolimaza iBafana ukuxoshwa kukaMokwena kwiDowns’
Leli qembu alikakamemezeli ngezinguquko ezikhona ngaphandle kokuqinisekisa abadlali abambalwa abadedeliwe.
Okubhekwe kakhulu wukwethulwa kwabadlali abasha abazojoyina leli qembu elihamba phambili ngabalandeli kuleli.
Buka nangu lo mdlali omusha ngezansi, ugqoke unombolo 6