AmaqembuEzintsha

Bathutheleka kwiRichards Bay abashelwe amanzi eGauteng

Lokhu kwenzeka nje yingoba kulungiswa izinto kwiRichards Bay ngemuva kokusinda ngokulambisa ezembeni ngesizini edlule.

Okubalulekile kulezi zinguquko ngabadlali abasha abanesipiliyoni okulindeleke ukuthi balethe uzinzo nobuholi obudingeka kakhulu esikwatini. 

USiyethemba Sithebe, uTlakusani Mthethwa noThabiso Kutumela kuthiwa basayine izinkontileka neRich Boyz. 

USithebe ubekwiKaizer Chiefs, uMthethwa ubekwiMoroka Swallows engasekho kanti uKutumela ubekwiMamelodi Sundowns.

UKutumela, oneminyaka engu-31, uchithe isizini edlule ebolekiswe kwiCape Town City. 

Ukwengezwa kwalaba badlali asebemnkantshubomvu kubhekwa njengesinyathelo esibalulekile ekuqiniseni iqembu nokuqinisekisa ukuthi ligwema okucishe kwenzeka ngesizini edlule. 

Okwengeza isasasa, kunamahlebezi athi leli qembu selithole abaxhasi abazofaka imali ebhekile. 

Lokhu kungena kwemali kubaluleke kakhulu kwiRichards Bay ngoba kungayinika izinsiza ezidingekayo ukuze ithuthuke, ikwazi ukuncintisana namanye amaqembu. 

Okunye okulindeleke kuleli qembu wukuthi libuyele esizindeni sayo sakudala, iMhlathuze Sports Complex ngesizini ezayo. 

IRichards Bay kulindeleke ukuthi yenze isimemezelo esisemthethweni mayelana nazo zonke lezi zinguquko ezibalulekile emcimbini ozoba ngoLwesibili. 

Abalandeli baleli qembu bayilindele ngabomvu imininingwane ngabadlali abasha abasayinisiwe nokuzwa ngabaxhasi. 

Njengoba iqembu lilungiselela isizini ezayo, ukufakwa kwabadlali abanamava noxhaso lwemali olungase lube khona kukhombisa ikusasa eliqhakazile.