UMasuku ubhoboka ngomqeqeshi ‘owamrabhela’ kuPitso
– Alfred Ngubane
Umdlali owazakhela igama ngomjiko kwiPremier Soccer League, uKhethokwakhe Masuku useveze isihluku athi wasenziwa ngomunye wabaqeqeshi bakuleli.
UKhethokwakhe Masuku usola lo mqeqeshi ngokumdlibhizela izinto zakhe, ebambezela nempilo yakhe.
Uthi wayekade esekhulume waqeda noPitso Mosimane ngesikhathi esengumqeqeshi weMamelodi Sundowns ngokujoyina iqembu lakhe.
NoMosimane wayesevumile, kodwa kwagcina kungenzekanga ngoba lo mqeqeshi ‘esemrabhelile’.
“Wangirabhela kuPitso Mosimane… u(esiligodlile igama lakhe) wayengumqeqeshi wami eqenjini lama-amesha okungelakhe,” kusho uMasuku.
UKhethokwakhe Masuku uthi lo mqeqeshi wamhamba ngemuva, wayomhleba kuMosimane ngokuziphatha kwakhe.
“Ngangikhulume noPitso ukuthi ngizosayina kwiMamelodi Sundowns kodwa kwathi uma ngabe ngifika, ngafica yena ekhona.
“Wabe esengirabhelile kuPitso, emtshela ukuthi ngiyaphuza futhi ngiyabhema ngithanda nempilo yasebusuku.
“Kwangishaqisa kakhulu lokhu ngoba wayelwazi usizi lwami njengoba ngangidlala kuma-amesha nje.”
Kwagcina ngokuthi angasayini kwiSundowns kodwa izinto zakhe zagcina zilungile njengoba athathwa yiBlack Leopards.
Kulapho afika wazakhela okhona igama waze waheha amehlo ezinhloli ze-Orlando Pirates, wayodlala kuyo.
Ekusukeni kwiPirates, wabe esedlulela kwiBloemfontein Celtic kanti wagcina eseke wadlala nakwiRoyal Eagles.
OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs iyefana neqembu lesizwe – Malesela
Iqembu agcine ukudlala kulo yiNB La Masia ebikwiMotsepe Foundation Championship, achithwa kuyo ngoJanuwari ka-2023.
UMHLELI: Imizamo yokuthola lo mqeqeshi ukuze aziphendulele ngalezi zinsolo ayiphumelelanga, yingakho igama lakhe siligodlile okwamanje.