EzintshaMamelodi Sundowns

Sekunolunye uguquko ngabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns

Isonto liqale ngokuxoshwa kukaRulani Mokwena kiwMamelodi Sundowns ngendlela eshaqisayo, neshiye abalandeli bengakholwa. 

Ngaphansi kukaMokwena, iMamelodi Sundowns idlale kahle imidlalo engu-29 yeDStv Premiership ingahlulwa, yagcina ihlulwe ngosuku lokugcina.

Nakhona lapho bese kuvele kungasho lutho ngoba vele isicoco seligi bese sisemgodleni.

Kodwa ngenza yezizathu ezingakaqinisekiswa yiqembu, uMokwena kuthiwe umehlulile umsebenzi abebekelwe wona, wakhonjwa indlela. 

Abalandeli basale bengakholwa ngesinqumo esithathwe isigubhukane sokuhlukana noMokwena, ngenxa yempumelelo yakhe nokwenza kahle kweqembu. 

Kube sekuqubuka ukuqagela namahlebezi amaningi mayelana nongase athathe loa msebeni kubikwa ukuthi ihlwaya ngaphandle kwakuleli.

Kuke kwabalwa namagama abaqeqeshi abanamava nabahlonishwayo ebholeni lase-Afrika oPatrice Carteron phakathi kwabanye. 

Nokho, impelasonto seyifike nolunye uguquko obelungalindelekile. 

NgoMgqibelo ekuseni iSundowns imemezele ukubuya kukaSteve Komphela osezoba ngumqeqeshi omkhulu esizana uManqoba Mngqithi. 

UKomphela uzwakalise isasasa lakhe, wathi, “Ngijabule kakhulu ngokubuyela kwiMamelodi Sundowns.

“Bengihlezi ngigqugquzeleka futhi ngiphathwa ngenhlonipho nothando. 

“Ngibheke ngabomvu ukufaka isandla ekutheni ikilabhu ifeze izinhloso zayo eNingizimu Afrika nasezwenikazi i-Afrika.”

UKomphela ubeshiye iSundowns ngaphambi kokuqala kwesizini edlule wajoyina iMoroka Swallows. 

Kwavela ukuthi wahanjiswa wukuthi ibingasadonselani kahle noMokwena obekwenza kungasebenzeki kahle.

Yize naye engalibekanga ngembaba, kodwa izinkulumo zakhe bezikuveza ukuthi nebala kukhona ukunyathekana izinzwane okwenzeka.