USteve Sekano usola uMogashoa ngowisa iSwallows
– Sibongiseni Gumbi
Owayengumdlali weMoroka Swallows, uSteven Sekano, usegxeke usihlalo uDavid Mogashoa ngokuvalela ngaphandle izinkakha zeqembu nokuzishaya indiva uma zicela umhlangano naye.
USteven Sekano uthi uDavid Mogashoa uhlulekile ukufika emhlanganweni lapho bebehlele khona ukwethula owayengase alethe abaxhasi eqenjini.
NgokukaSteven Sekano ubuholi bukaDavid Mogashoa yibona obube yimbangela yokungaphumeleli kweqembu.
Ngokusho kwakhe lokhu kungabi bikho kokuvuleleka nokusebenzisana kuholele ekutheni iqembu lihluleke futhi ligcine sekufanele lidayise itifiketi salo.
Ngenyanga edlule iMoroka Swallows ivalile ngemuva kokudayisela iMarumo Gallants isitifiketi sayo seDStv Premiership.
Ukuphawula kukaSekano kukhombisa ukuphatheka kabi nokudumala okuzwiwa abaningi abamataniswa neqembu.
“Akungimangazi ukuthi iSwallows isidayisiwe,” kusho uSekano ohlelweni lwezemidlalo kwiRadio 2 000 ngoLwesine.
“Ngeshwa, uMogashoa ubengaxhumani nathi . Ngiyazi kukhona obefuna ukuletha uxhaso, kodwa uMogashoa ubengayihloniphi imihlangano.
“Abakwazanga ukumthola. Lokhu kuphoxile ngoba (uPanyaza) Lesufi wayenze izethembiso zokubuyisela iqembu ezinsukwini zalo zodumo.
“Kodwa bekubonakala sengathi abaphathi bebengafuni sisondele. Bebengenandaba ngisho nezinkakha ebezingafaka isandla.”
USekano uthi noma bethenga amathikithi okuyobuka imidlalo yeqembu ngokwabo, bebengakutholi ukuhlonishwa okufanele kubaphathi beSwallows.
“Mina no-Ace Mnini besihambela imidlalo kodwa singanakwa. Iqembu belingabi nazo izinsuku la livulela khona abezindaba.
“Abantu baseSoweto bebengazi nokuthi idlalwa nini imidlalo yabo – ngihlala eSoweto mina.
“UMogashoa ubengakhulmi emisakazweni noma kumabonakude. Kubonakala sengathi ngisho nesikhulu esikhulumela iqembu besingavunyelwe ukukhuluma.
OLUNYE UDABA: AmaZulu adedela abanamava, sekubhekwe abasha
“Ngiyavumelana nabathi ikilabhu ingaphinde ibuye, kusizani ukubuya kwayo uma ungeke uyiphathe ngendlela ekhombisa ukuhlonipha umsebenzi?”
“Kunalokho, sisindise ekukhathazekeni. Njengamanje omunye wabalandeli usesibhedlela ngenxa yalesi sinqumo sokuthengiswa kweqembu.”