EzintshaKaizer Chiefs

UMahlatsi uncoma iChiefs, kodwa ‘alikho elingenasici’ 

Lo mdlali, 25, owaziwa ngelika-‘Nyaope’ kwezemidlalo, washiya iKaizer Chiegs ngoSepthemba nyakenye ngemuva konyaka owodwa egijima kuleli qembu. 

Ujoyine iKaizer Chiefs ngo-2022 esuka kwiMoroka Swallows engasekho la ayengomunye wabadlali abahle khona.

Ngesikhathi egijima kwiChiefs uMahlatsi udlale imidlalo eyisikhombisa, waqala emithathu, wangena esuka ebhentshini kwemine. 

Naphezu kwesikhathi esilincane sokudlala, unemibono emihle ngesipiliyoni sakhe kule kilabhu engenye yamakhulu kuleli. 

Engxoxweni ekhethekile abe nayo neFARPost, uMahlatsi uncome iChiefs njengeqembu elihamba phambili kwangu-16 eDStv Premiership. 

Nokho uMahlatsi uphinde waveza izinto ezimqoka ezibe nomthelela ekuhambeni kwakhe. 

Yize ekhulume kahle ngekilabhu, uvumile ukuthi ngeke ibe yinhle ngakho konke. 

Yize abhekana nezingqinamba ezithile, uMahlatsi usalibonga ithuba lokudlala kwiChiefs. 

“Bekukuhle kakhulu kwiChiefs, wukuthi kukhona esingeke sikwazi ukukhuluma ngakho,” kusho uMahlatsi.

“Kodwa iChiefs iphezulu, phezulu, phezulu (ngokwezinga). Angicabangi ukuthi likhona iqembu elifana neChiefs. Konke okufunayo kukhona.

“Ngingasho ukuthi bangcono kakhulu … kodwa siyazi ukuthi ayikho into enhle ngokuphelele.”

UMahlatsi uphinde wadalula ukuthi ucele ukukhululwa eqenjini ngenxa yokuthi ubelizwa ngendaba ijezi.

“Ngabona ukuthi angidlali ngase ngikhuluma nabo, ngabatshela ukuthi ngifuna ukuhamba nokunye.. Bavuma.”

Lo mdlali owake wagijima kwiSuperSport United kumanje akazi ukuthi uzoyaphi ngemuva kokuhlukana neChippa United ekupheleni kwesizini edlule.

Ujoyine iChilli Boys maphakathi nesizini futhi wadlala imidlalo engu-11 kuyo yonke imiqhudelwano.