EzintshaOrlando Pirates

Ukhamba lufuze imbize kuRelebohile Mofokeng

USechaba Mofokeng, owayengumdlali weBathembu Royals yase-Eastern Cape, ukholwa wukuthi ukuhambela kwakhe imidlalo ehlukene nendodana yakhe yikho okwayifaka uthando lwebhola. 

URebeholihle uzifake ezinhliziyweni zabathandi bebhola bakuleli ngendlela abedlala ngayo ngesizini edlule.

Ushayele isipikili sokugcina ngesikhathi eshaya igoli lokuwina iPirates ibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup.

Lo mfanyana osemncane wasjika ngibuchule uBongani Zungu, elikhipha phakathi kwemilenze ibhola, wabe eselikhahlela ngobuchule layonamathela enethini.

Lapho kwabe sekubalwa imizuzwana umdlalo uphele, futhi kubhekwe kuthi uye esikhathini esengeziwe.

Kodwa leli goli lakhe laqeda ngeSundowns. Manje uyise, uSechaba, owashaya 

igoli leBathembu Royals eyanqoba ngalo kuMaZulu FC kwiNedbank Cup ngo-2013, uthi ukhamba lufuze imbiza. 

USechaba Mofokeng uyazigqaja ngempumelelo yendodana yakhe njengoba ethi ihamba ezinyathelweni zakhe kodwa uyavuma ukuthi yona ingaphezulu kwakhe. 

“Cha impela wenza into yasekhaya, akadukile kodwa yena useyenza ngokungaphezulu kwami,” kusho uSechaba exoxa neLisenethini kuleli sonto.

“Umqeqeshi wokuqala empilweni yendodana yami yimina uqobo. Yimi engamfaka ebholeni. 

“Ngaqala ukumqeqesha eneminyaka emihlanu, ngibuye ngihambe naye uma ngiyobuka ibhola elokishini nemidlalo yeDStv Premiership,” kuchaza uSechaba

Uthe uzoyeseka noma ngabe ithatha siphi isinyathelo ngekusasa layo indodana yakhe njengoba kuvela ukuthi kunamaqembu aphesheya ayifunayo.

URelebohile uhehe amehlo amaqembu afana neGalsgow Rangers yaseScotland, neWolverhampton yase-England phakathi kwamanye.