DStv PremiershipEzintshaMotsepe Foundation Championship

UKadodia ucikwe uMogashoa ‘omhubhise utalagu’

UFarouk Kadodia uthi uDavid Mogashoa umshaye ngemfe iphindiwe embambisa udonga ngokumdayisela isitifiketi sakhe seDStv Premiership.

Nokho lesi sitifiketi uMogashoa ugcine esidayisela u-Abram Sello weMarumo Gallants, wasala encela izithupha uKadodia. 

“Bengixoxisana kahle noMogashoa, wangithembisa ukuthi bazongithengisela iMoroka Swallows,” kusho uKadodia kwiLisenethini.co.za.

“Kodwa ngimangalile uma ngibona sebedayisele umngani wabo u-Abram Sello weMarumo Gallants.”

UFarouk Kadodia ubezwakala ukuthi unengekile ngalesi senzo sikaDavid Mogashoa sokumhubhisa utalagu.

“Ngibona ubuxoki kuMogashoa ngoba yena nabanye abaphathi beMoroka Swallows bebengathandi ukuthi leli qembu lidayiswe KwaZulu-Natal. 

“Bashaye izibalo, babona ukuthi bazokwandisa amaqembu aKwaZulu-Natal adlala kwiDStv Premiership.

“Lokho ngikubona kungomhobholo omubi nje,” kuchaza uKadodia obezwakala ukuthi imphethe kabi impela lento. 

Kodwa ke uthi usedlulile kulokho, manje usegxile ekwenzeni okusemandleni ukuthi iqembu lakhe lunyukele kwiPremiership ngesizini ezayo.

Kwale kancane ngesizini edlule ukuthi iMaritzburg ingene emidlalweni yokuhlungela ukwenyukela kwiPremiership. 

IMaritzburg igcine iphelela endaweni yesine, yashoda ngephuzu elilodwa ukuthi yeqe iBaroka kube yiyo engena kweyokuhlunga. 

“Mina ngizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi iMaritzburg United izolwela ukubuyela kwiDStv Premiership ngesizini ezayo,” kusho uKadodia.

Uphinde waveza ukuthi uSimo Dladla uzoqhubeka nokuba ngumqeqeshi weMaritzburg nangesizini ezayo. 

IMaritzburg yawela ezembeni ngesizini eyandulela edlule kulandela ukuqeda isemsileni esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli. 

UKadodia uthe basazozimemezela izinguquko ezizoba khona kubadlali noma zingeke zibe ningi.