EzintshaKaizer Chiefs

UBernard Parker nesinqumo esinqala ngekusasa lakhe

Le ngwazi yePremier Soccer League enamava eminyaka ecishe ibe ngu-20 emaqenjini ehlukene, uBernard Parker usekuqinisekisile ukuqokwa kwakhe njengomqeqeshi omusha weqembu leDStv Diski Challenge leTS Galaxy.

Umnikazi wekilabhu uTim Sukazi unikeze uBernard Parker ithuba lokushintshela ekuqeqesheni ngenyanga edlule. 

Futhi naphezu kokuthola izicelo kwamanye amaqembu abefuna ahubeke nomsebenzi wakhe njengomdlali, uthathe isikhathi ukucabangela ngesinyathelo sakhe esilandelayo. 

Ngemuva kwezingxoxo eziningi, uParker usememezele ngokusemthethweni ukuthi useyayeka ebholeni elikhokhelayo nokwamukela kwakhe isikhundla sokuqeqesha kwiRockets.

UParker uveze lezi ngalezi zindaba kuma-akhawunti akhe ezinkundla zokuxhumana, ezwakalisa ukujabula nokubonga ngethuba elisha. 

“Ngiyabonga ngethuba likasihlalo uTim Sukazi, umndeni we-TS Galaxy nabaqeqeshi beqembu elikhulu ngokungethemba ukuthi ngizothatha izintambo njengomqeqeshi omkhulu kwi-DDC,” kubhala yena.

“Ngiyethembisa ukulisebenzisa ngokuzikhandla leli thuba.”

UBernard Parker ubeke amakhokho engomunye wabadlali ababe nempumelelo encomekayo ebholeni lakuleli.

Ukungena kukaParker ekuqeqesheni kubonwa njengesinyathelo esibalulekile emsebenzini wakhe wangemva kokudlala.

Abaningi bamagange ukubona umthelela azowenza ekuthuthukiseni izihlabani zakusasa ebholeni laseNingizimu Afrika.