EzintshaMamelodi Sundowns

Okusha ngencwajana kaRulani Mokwena noMudau

URulani Mokwena waya kulo mdlalo azi kahle ukuthi ukuhlulwa kuwo kusho ukuthi umsebenzi uphelile.

Kuvela ukuthi yingakho aphikelela nokudlalisa uKhuliso Mudau yize ayeselimele, wayelwela ukuthi angagcini ehluliwe.

UMudau walimala umdlalo usanda kuqala, uRulani Mokwena wambhalela incwajana okwagcina kuvelile ayekubhale kuyo. 

“Ngathi ngiyokufela, nawe ngicela ungangilahli,” wabhala kanje uMokwena kule ncajana yakhe. 

Lo mdlali wasemuva kwesokudla waqhubeka wadlala esephuziswe amaphilisi ezinhlungu, waphinde wabhandishwa ihlombe ayelimele kulo. 

Ngala magama uMokwena wayencenga uMudau nabanye abadlali abadala eqenjini ukuthi bakhumbule ukuthi ukwehlulwa kusho ukuphela komsebenzi kuye. 

Nokho ingcindezi kuye ayizange iqale ngeNedbank Cup; bekulokhu kushuba kusukela leli qembu liphume kabuhlungu kwiCaf Champions League. 

Abaphathi beqembu babona sengathi uMokwena uyehluleka ukusebenzisa isikwati esisezingeni eliphezulu esisandleni sakhe. 

Kuthe uma kushaywa indweba yokugcina kowamanqamu weNedbank Cup, kwacaca ukuthi isimo sinjani. 

Isiphetho sikaMokwena asigcinanga ngomphumela womdlalo owodwa kuphela, kodwa nawuchungechunge lwezinto angenzanga kahle kuzo. 

UMokwena ugcine ededeliwe kuleli qembu kuleli sonto, kanti kuvela nokuthi uuke wahilizisana nabaphathi emihlanganweni. 

NgoLwesine lo mqeqeshi osemncane ubhalele leli qembu nabadlali umlayezo wokuvalelisa, wawushicilela kwi-Intsagram.

“Angikaze ngicabange ukuthi lolu suku luzofika ngokushesha kangaka,” kubhala yena. 

“Futhi angikaze ngilindele ukuhlukana ngale ndlela. Kodwa njengoba impilo ivamise ukuzenzela okwayo, njengestokofela ngiye ngakwamukela ukuthi kwesinye isikhathi, isiphetho siyisiqalo esisha esicashisiwe.”