EzintshaKaizer Chiefs

Kuqubuke imibuzo iChiefs ishiya u-Itumeleng Khune

IKaizer Chiefs ifulathele iNingizimu Afrika yaya ekhempini yokulungiselela ukuqala kwesizini eTurkey nabadlali bayo bonke kodwa u-Itumeleng Khune ubengekho kubo. 

U-Itumeleng Khune ubekhona ngesikhathi abadlali beKaizer Chiefs bebuyela ejimini ngasekupheleni kwenyanga edlule. 

Phambilini iLisenethini.co.za ibike ukuthi iqembu belifuna lo nozinti osemnkantshubomvu amemezele ukuthi useyayeka ukudlala. 

Kuthiwa leli qembu lifuna ukumnika isikhundla sokuba yinxusa, kodwa imibandela abekelwe yona ngalo msebenzi akayizwa kahle. 

Lesi simo sishiya sisuse ukuqagela okukhulu ngoKhune njengoba kungaziwa ukuthi uzosamukela yini isicelo seqembu bese ewaphanyea emgibeni amagilavu. 

Imithombo esondelene nalo mdlali iveza ukuthi usazibona engakwazi ukuqhubeka nokudlala okungenani amasizini amabili. 

Uma eqoka ukuthi ufuna ukuqhubeka nokudlala, kuzomele athole elinye iqembu ngoba ngathi iChiefs ayisayizwa eyokumeluleka inkontileka.

Khonamanjalo, iChiefs yengeze ithalente elisha ohlwini lwabadlali bayo. 

Umdlali omusha uBongani Sam, emlande komakhelwane bayo abayimbangi zabo ezinkulu, i-Orlando Pirates, uhambe neqembu ukuya eTurkey. 

IChiefs lizohlangana nomqeqeshi wayo omusha, uNasreddie Nabi, okokuqala ngqa eTurkey ngoLwesihlanu. 

Nabanye abadlali abasha abasayinisiwe kulindeleke ukuthi bajoyine iqembu eTurkey, okuphawula isikhathi soshintsho olukhulu nokubunjwa kabusha kweqembu.