EzintshaKaizer Chiefs

Isishaya ngolwaseTurkey iChiefs, inomlayezo kubalandeli

Lolu hambo lwase-Turkey luwukuqala kwempilo entsha kwiKaizer Chiefs ngaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.

Lo mqeqeshi kulindeleke ukuthi ahlangane neqembu lakhe okokuqala e-Turkey futhi aqale ukugxilisa amacebo akhe okudlala kubadlali bakhe.

UNabi ubhekene nenselelo enkulu kwiKaizer Chiefs njengoba leli qembu lisehlazweni lokuqeda amasizini ayisishiyagalolunye lingenandebe. 

Ikhempu yokulungiselela isizini yaseTurkey ibalulekile kumqeqeshi ukuthi asebenze ngokukhululeka nabadlali kungenangcindezi yabezindaba nabalandeli abafuna ukwazi okwenzakalayo.

Ulwazi ngeqembu luzokhishwa yilona ngendlela elithanda ngayo njengoba lingekho eduze nje. 

Ngaphandle kokuhlangana nabadlali abakhona njenamanje eqenjini, uNabi kulindeleke ukuthi ahlanganise abadlali abasha eqenjini. 

Imibiko iveza ukuthi ulande abadlali abambalwa emaqenjini aseke wasebenza kuwo phambilini ngenhloso yokuqinisa isikwati nokuqeda isomiso sezindebe.

Ngesikhathi iChiefs ifika eTurkey, ithumelele abalandeli bayo umyalezo ofakwe ezinkundleni zokuxhumana. 

“Sanibona umndeni waMakhosi, iqembu lifike liphephile e-Istanbul, eTurkey,” kubhala leli qembu ngolimi lwaseTurkey. 

Lo mlayezo ugqamisa ukuxhumana kwabo nabalandeli futhi ubagcina benolwazi ngenqubekelaphambili yeqembu.

Ngesikhathi sokuhlala kwabo eTurkey amasonto amabili, kulindeleke ukuthi kube nezimemezelo ezengeziwe ezivela kuleli qembu laseNaturena.

Kumele lazise abalandeli ngokufika kukaNabi nabadlali abasha. 

Lesi sikhathi sizoba ngesibalulekile kwiChiefs njengoba ilungiselela isizini ezayo, ehlose ukuqeda indlala yezindebe ngayo. 

Abalandeli balindele ngokulangazela umthelela wobuholi bukaNabi neminikelo yabadlali abasha kuleli qembu.

Ngaphambi kokuhamba, iChiefs iqinisekise ukuthi ikhulule oKeagan Dolly, Njabulo Ngcobo, Sifiso Hlanti noSiyethemba Sithole kulandela ukuphela kwezinkontileka zabo. 

Kubikwa ukuthi ihambe noBongani Sam odlala emuva kwesonkunxele esamhlola ukuze imsayine kwi-Orlando Pirates uma umqeqeshi eneliseka ngaye.