Asisahlalisekile kuMaZulu esinye sezihlabani zawo
– Alfred Ngubane
Omunye wabadlali abebegqamile kuMaZulu FC ngesizini edlule usecabanga ukushiya kuleli qembu abona sengathi liyambambezela.
Kuvela ukuthi uTsephang Moremi, ongumdlali wasesiswini kuMaZulu akasathandi ukuhlala KwaZulu-Natal ngoba izinto zakhe zihamba kancane.
ILisenethini ihletshelwe ngumthombo osondelene nalo mdlali ukuthi usefisa sengathi amahlebezi okuthi ufunwa amaqembu aseGauteng angaba yiqiniso.
“UMoremi uselangazelele ukubuyela eGauteng njengoba efuna ukuba seduze nomndeni wakhe,” kusho lo mthombo.
“Kuvele ke kunamaqembu amfunayo okuthiwa amthembisa itshe lemali, enkulu kunalena ayihola kuMaZulu FC.
“Manje uMoremi usethanda ukudideka njengoba lamaqembu afika ebuyelela kuyena.
“Kubukeka sengathi kuzomele AmaZulu amdedele ngoba inhliziyo yakhe ayisekho nhlobo KwaZulu-Natal nhlobo,” kusho loMthombo.
Kuzokhumbuleka ukuthi iKaizer Chiefs ngelinye lamaqembu okuke kwavela ukuthi azidlisa satshanyana kuye.
Negama le-Orlando Pirates like lavela ngesizini edlule, kuthiwa ungomunuye wabadlali abachaze umqeqeshi uJose Riveiro.
“Ngike ngamuzwa uma ethi uma ngabe engabuyela eGauteng, lokho kuzomvulela iminyango futhi kungamsiza ngokuthi ayodlala eNdebeni yoMhlaba.”
OLUNYE UDABA: Isishaya ngolwaseTurkey iChiefs, inomlayezo kubalandeli
UTsephang Moremi ubengomunye wabadlali beBafana Bafana ekade bedlala kwiCosafa Cup.