AmaZulu adedela abanamava, sekubhekwe abasha
– Intatheli yeLisenethini
Kubabanye abadlali ababili okuvela ukuthi AmaZulu FC azohlukana nabo njengoba leli qembu lizihlela kabusha, lilungiselela isizini ezayo.
Kuvela ukuthi AmaZulu azogabha abadlali basemuva oThembela Sikhakhane no-Abbubaker Mobara, njengoba ezilungiselela isizini ka-2024/25.
Njengoba sekuqalile ukuzilolonga ngaphambi kwesizini entsha yePremier Soccer League, Usuthu luphakathi kwamaqembu enza izinguquko ezinqala.
Ngokubika kwe- iDiski Times leli qembu elizinze KwaZulu-Natal linqume ukubadedela bobabili uMobara noSikhakhane.
UMobara, ojoyine AmaZulu ngoJanuwari 2022 ngemuva kokuyibamba isikhathi eside kwiCape Town City, usedlale imidlalo engaphezu kuka-50 kuleli qembu kula masizini amabili nesigamu adlule.
Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-30 ufike nesipiliyoni nokuzinza eqenjini, kodwa manje uzithola eqhubekela phambili njengoba ikilabhu ingasamdingi.
Ukushiya kukaSikhakhane kusho ukuphela kweminyaka emine ekuleli qembu laseThekwini.
Lo mdlali wasemuva, oneminyaka engu-31, ubeyinsika yoSuthu, futhi usedlale imidlalo engaphezu kuka-160.
Ngesizini edlule, uSikhakhane udlale imidlalo engu-17 yeligi, waphinde wadlala kweyeNedbank Cup nemibili yeCarling Knockout.
Isinqumo sokuhlukana noMobara noSikhakhane sikhombisa indlela entsha kuMaZulu njengoba ehlose ukwakha isikwati esiqinile nesizomelana nezinselelo zesizini ezayo.
OLUNYE UDABA: Ukhamba lufuze imbize kuRelebohile Mofokeng
Njengoba ikilabhu iqhubeka namalungiselelo angaphambi kwesizini, sekuzobhekwa abadlali abasha abangase basayine.
AmaZulu kubikwa ukuthi azivuselelile izinkontileka zabanye abadlali abanamava kuleli qembu oRamahlwe Mphahlele noMbongeni Gumede.