UYENA?: IChippa yethula uJali amacozucozu
– SIbongiseni Gumbi
IChippa United ilokhu iqhubekile nokugabisela abalandeli ngomdlali emethulayo ngoLwesithathu.
Kuqale ngeviki elidlule iChippa imemezela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi izinto zizoshuba futhi zizoshisa kakhulu kuleli sonto.
Nokho kushaye uLwesibili sekwaziwa ukuthi izokwethula u-Andile Jali ngoLwesithathathu njengoba seyiqede konke naye.
NgoLwesithathu ekuseni iChippa iphinde lokho, yaqinisekisa ukuthi nakanjani izokwethula abadlali bayo abasha.
“Kunomdlali omusha ozokwethulwa namuhla,” ibhale kanje kwi-X.Com ngoLwesithathu ekuseni.
Ngokuhamba kosuku ibe seyifaka ividiyo emfishaye yalo mdlali ebheke le ngaphandle kwenkundla yayo yasekhaya iNelson Mandela Bay Stadium.
Nokho kuvele kwabonakala ukuthi nakanjani nguyena u-Andile Jalo lo ozokwethulwa.
Kulindeleke leli qembu licacise ukuthi limsayine isikhathi esingakanani neminye imininingwane ngalo mdlali onamava.
UJali waqala ukuzakhela igama ebholeni lakuleli edlala kwi-University of Pretoria, wabe esedlulela kwi-Orlando Pirates.
Kukhona kweZimnyama la agila khona izimanga waze walandwa yiqembu laseBelgium ahlale kulo iminyaka emine.
Wabe esebuyela kwiMamelodi Sundowns ahlale kuyo iminyaka emihlanu ngaphambi kokuthi ingavuselelwa inkontileka yakhe nyakenye.
OLUNYE UDABA: ISuperSport ihlola umgadli waseNigeria ‘othembisayo’
Ukusuka lapho ujoyine iMoroka Swallows kodwa izinto azangahamba kahle, wagcina exoshiwe phakathi nesizini. Buka ividiyo ngezansi: