Uselungisa amathizethize uKeagan Dolly neqembu elisha
– Intatheli yeLisenethini
Sekusele amathizethize ukuthi uKeagan Dolly aphothule isivumelwano neqembu lakhe elisha kulandela ukushiya kwakhe kwiKaizer Chiefs.
Imibiko ikhomba ukuthi uKeagan Dolly neqembu lakhe elisha sebelungisa imininingwane ethile ngaphambi kokwenza isimemezelo esisemthethweni.
UKeagan Dolly akazange alinde isikhathi eside emakethe ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe naMakhosi ngesonto eledlule.
ISuperSport United yashesha ukuvela ibuza ukuthi angavuma yini ukuyijoyina kulandela ukuzwa ukuthi iChiefs imdedelile.
I-SABC Sport ibika ukuthi leli qembu laseTshwane lisebenza ngokuzikhandla ukuze lengeze lo mdlalo ohlonishwayo esikwatini salo.
Lokhu kuza ngemuva kokulahlekelwa kwalo wumdlali osemncane uShandre Campbell oyojoyina iClub Brugge yaseBelgium noSelaelo Rasebotja ojoyine i-Orlando Pirates.
Khonamanjalo, iSuperSport ayinaye unozinti engathembela kuye kulandela ukuthi uRicardo Goss ebuyele eqenjini lakhe iMamelodi Sundowns kulandela ukuphela kwesivumelwano sokubolkiswa kwakhe.
Ukufika kukaDolly kukhomba ukuthi leli qembu lizimisele ukuphinde libe ngelinye lalwela izicoco ebholeni lakuleli.
UPaul Matthews, oyisikhulu esiphezulu ubonwe kwiCOsafa Cup eqhubekayo eGqeberha, lapho ehlwaya khona ithalente angaqinisa ngalo iqembu likaHunt.
Ukwengezwa kukaDolly ohlwini lweSuperSport United kuzobakhuthaza kakhulu njengoba behlose ukuqinisa isikwati sabo, baphinde babe yiqembu eliqinile.
OLUNYE UDABA: UMokwena ‘usenawo umsebenzi’, ufunwa elaseMorocco
Ngesipiliyoni nekhono likaDolly, ulindeleke ukuthi abe nomthelela omkhulu futhi asize iSuperSport ifeze izifiso zayo ngaphakathi nasemiqhudelwaneni yamazwekazi.