AmaqembuEzintsha

UPeter Hyaballa ufake abeSekhukhune enkingeni ngesicelo sakhe

UPeter Hyaballa umenyezelwe kuleli viki njengomqeqeshi omusha weBabina Noko, akazange achithe sikhathi ekubekeni izimfuno zakhe.

Ngokusho kwabangaphakathi kuleli qembu, uPeter Hyaballa ushaye phansi ngonyawo ngesibalo sabadlali afuna ukusebenza nabo. 

Phakathi kwezinto azidingayo njengamanje wukwehlisa isibalo sabadlali sikuka kwabangaphezu kuka-30, sehle siye ku-24. 

Lesi senzo siza ngemuva kokuthi leli qembu lidedele abadlali abangu-13 ekuqaleni kwaleli sonto. 

Uhlu lwamanje lwabadlali abangaphezu kuka-30 lunalabo abasale ngesikhathi iqembu likhulula lo-13 ohambile. 

Leli qembu belingakabethuli abadlali okuthiwa libasayinile futhi akucaci ukuthi ngabe bayabalwa yini kulaba abangaphezu kuka-30 abakhona. 

ILisenethini ithole ukuthi uHyaballa akadlali ngalezi zimfuno zakhe futhi ufuna ukubuyela ejimini ngoMsombuluko sekusele abadlali abangu-24. 

“Kuyatatazelwa kumanje ngoba kuthe uma ebachazela ukuthi kungani efuna lesi sibalo, kwezwakala,” kusho umthombo weLisenethini. 

“Kumanje bamatasa abaphathi bafunela abanye babadlali amaqembu abazobolekiswa kubo ngoba uukubakhokhela imali zabo kuzoba nzima.

“Kodwa okuhle wukuthi akazange abakhethele ukuthi yibaphi abadlali angabadingi, uthe nje ufuna kusale abangu-24, ukuthi yibaphi akanandaba.”