EzintshaKaizer Chiefs

Unikwa isikhundla esisha u-Arthur Zwane kwiChiefs

Ubengumqeqeshi ngesizini ka-2022/23, u-Arthur Zwane uxoshwe kulandela imibhikisho yabalandeli eyaqhatha leli qembu nePremier Soccer League.

Ekuqaleni kwesizini edlule ubeyiphini lomqeqeshi ngaphansi kukaMolefi Ntseki.

Kodwa basheshe basuswa njengoba imiphumela ibachithile, nabalandeli baqhubeka nemibhikisho yabo yokukhombisa ukungeneliseki. 

Iqembu alizange lisho lutho ngesikhundla esisha sikaZwane ngesikhathi uCavin Johnson ethatha izintambo njengomqeqeshi, uDillon Sheppard wasala waba yiphini. 

Kuleli sonto, kulandela ukuxoshwa kukaJohnson, kuvele ukuthi u-Arthur Zwane usenikwe isikhundla esisha kuleli qembu.

Kuvela ukuthi nguye osezoba yinhloko yezinkulisa nokuhlwaywa kwethalente kwiChiefs.

Lesi yisikhundla ebesiphethwe uJohnson ngaphambi kokuthi anyukele ekubeni yinhloko yabaqeqeshi eqenjini elikhulu. 

Isikhundla esisha sikaZwane sikhombisa ukukholelwa kweKaizer Chiefs kulo mqeqeshi osenesikhathi esebenza kuyo. 

Njengenhloko yezinkulisa nokuhlwaywa kwethalente, uZwane uzoba neqhaza elikhulu ekubumbeni ikusasa leqembu nokufukula amakhono abadlali abasebancane. 

Lesi sikhundla sinika uZwane isiqalo esisha nethuba lokuba nomthelela omkhulu kwikusasa leChiefs.

“Usesebenze ezinhlakeni eziningi ekilabhini… Usebenze njengomqeqeshi weDStv Diski Challenge,” kusho umthombo.

“Waphinde waba yiphini lomqeqeshi weqembu elikhulu. Manje usenconywe ekutheni athathe indawo kaJohnson.”

Iqembu alizange licacise ngomsebenzi kaZwane kulandela ukukhishwa eqenjini elikhulu ngonyaka odlule. 

Leli qembu lamane lithi uzobuyela ‘emsebenzini wakhe wakudala’. 

“UZwane ubesebenza kanzima, uphothule izifundo zakhe zokuqeqesha, wathola amabheji akhe adingekayo okuqeqesha.

“Kumanje akusekude athole i-Uefa B Licence yakhe ngaphansi kwe-Irish FA. 

“Ube yingxenye yeqembu iminyaka engaphezu kwengu-22, kusukela ngesikhathi sakhe esengumdlali.”