Ukucucuza kweDowns kungazuzisa iKaizer Chiefs
– Intatheli yeLisenethini
Angase agcine etholwe yiKaizer Chiefs umdlali wasemuva, uGrant Kekana njengoba iMamelodi Sundowns ibamba iyeka ngokuvuselela inkontileka yakhe.
Kuvela ukuthi iKaizer Chiefs icuthele ukuzwa ukuthi uzogcina uphele kanjani umbango okhona ngenkontileka yakhe entsha kuMasandawana.
Izindaba zokuthi kunombango ngokuvuselelelwa kukaKekana inkontileka zidalulwe yintatheli yePower FM, uMasekepe Matsebane kwi-X.
“Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns oqokwe njengovelele kwiPSL, uGrant Kekana kunokungabaza ngekusasa lakhe nompetha (beligi).
“Kunokushayisana ezingxoxweni zenkontileka yakhe neqembu,” ubhale kanje uMatsebane.
“Inkontileka kaKekana yamanje iyaphela ekupheleni kwenyanga (uJulayi), futhi akukho sivumelwano esisha neSundowns.”
Uveze ukuthi imenenja kaKekana, uSteve Kapeluschnik usaxoxisana nomqondisi weSundowns uFlemming Berg ngalo mdlali.
Kuthiwa uFlemming wabeka etafuleni ukuthi bazoyivuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emibili kodwa iholo ngeke linyuke.
UKekana ukunqabile lokho,, wacela ukwelulelwa iminyaka emithathu bese neholo linyuswe.
Nokho uBerg ubuye nesiphakamiso esishintshe kakhulu ngesonto eledlule, enikeza uKekana inkontileka yonyaka engenawo umbandela wokuyelula, iholo lama ndawonye.
“Kuyaqondakala ukuthi lokhu kumshiye egane unwabu uKekana, futhi maningi amathuba okuthi ayishiye iSundowns.
“Imenenja yakhe uKapeluschnik ube nomhlangano noBerg ukuze baphinde balubhekisise lolu daba, kodwa lokho kwaba nhlanga zimuka nomoya.
“Manje uKekana usekulungele ukuphuma kwiSundowns. Kulindeleke baphinde babe nezinye izingxoxo namuhla (ngoLwesine) ntambama ngethemba lokuthi le nkinga ingaxazululeka.”
UMatsebane uthe umthombo wakhe ukubeke kwacaca ukuthi lesi simo asimjabulisile neze uKekana ngoba uzibona engahlonishwa ngendlela efanele kuleli qembu.
OLUNYE UDABA: Ngisuka kude kabi no-Irvin Khoza – Tim Sukazi
Kwenzeka lokhu kuKekana nje, leli qembu lisanda kuxosha kalula nje uRulani Mokwena obengumqeqeshi olinqobele isicoco seligi ehlulwe kanye.