Ngisuka kude kabi no-Irvin Khoza – Tim Sukazi
– Alfred Ngubane
Tim Sukazi, ongumengameli weTS Galaxy, usephumele obala ngobudlelwano bakhe nosihlalo wePSL ne-Orlando Pirates u- Irvin Khoza.
Kuke kwanesikhathi la uTim Sukazi no-Irvin Khoza kube ngathi bayinkukhu nempaka njengoba bekuxatshanwa njalo uma amaqembu abo ehlangana.
UTim Sukazi ubekhuluma nasesidlangalaleni ukuthi akasakholelwa ebuholini buka-Irvin Khoza kwiPSL, ethi kumele ashenxe kungene abantu abasebasha.
“Ubudlelwane bami noKhoza obeminyakanyaka – cishe wubudlelwano obuhle kunabo bonke enginabo,” kusho uSukazi kwiPodcast kaMahlatse Mphahlele.
“Ngisuka kude naye. Cishe ukuhlangana okokuqala nokuhlala eduze naye… Ngisanda kumkhumbuza nje.
“Abaningi abakwazi lokhu. Bekungu-1999 ngisengummeli osafunda, wayesecaleni lika-Andre Cotzee.
“Wayengangazi ukuthi ngingubani, kodwa wayehlezi eduze kwami. Wangilalela uma ngikhuluma ngezinto ezimqoka naye.
“Ngeke ngizisho lezo zinto engazikhuluma naye ngaleso zikhathi. Kodwa lokho nje kukodwa, kwahlala emqondweni wami.
“Ngiyohlale ngikukhumbula ngoba kwangivezela ukuthi ungumuntu onjani.
“Isikhathi sahamba, saphinde sahlangana uma sengithuthele eGauteng ngo-2004 noma 2005.
“Kuleyo minyaka cishe yimi umuntu achitha naye isikhathi esiningi kodwa abaningi abakwazi lokho.
“Ngaso sonke isikhathi uma nginaye, kukhona isifundo esimqoka engiphuma naso,” kuchaza uSukazi.
Uthe eyokuxabana kwakhe nonogada emdlalweni wezakhe nePirates e-Orlando Stadium yinto asebayilungisa, badlula kuyo.
Uvez enokuthi ukungezwani okuba khona uma kuhlangene ezakhe, iTS Galaxy ne-Orlando Pirates yingoba womabili lamaqembu awafuni ukwehlulwa.
OLUNYE UDABA: Uselungisa amathizethize uKeagan Dolly neqembu elisha
IPirates isuke ilwela isithunzi sayo kwiTS Galaxy esiyiqedile Kaizer Chiefs engomakhelwane beBucs iyehlisa isithunzi.