Ngabe selikhale nakuManqoba Mngqithi izembe leDowns?
– Alfred Ngubane
Kuvela ukuthi noManqoba Mngqithi ngeke agcinwe kwiMamelodi Sundowns njengoba leli qembu lifuna ukuqala kabusha ngethimba elisha labaqeqeshi.
ILisenethini ihletshelwe omunye wabasondelene naleli qembu ngoLwesine ntambama ukuthi noManqoba Mngqithi uzohamba maduze.
Imizamo yokuqinisekisa lezi zindaba nabeMamelodi Sundowns ayiphumelelanga kodwa sizolokhu siqhubeka sibazama.
Nemenja naManqoba Mngqithi, uMike Makaab ibingatholakali ngaphambi kokuthi sishicilele lolu daba.
Kodwa ngokwalo mthombo, kube nomhlangano ngoLwesine ebusuku la kuphume khona isinqumo sokuthi naye kumele adedelwe.
“Isashayelwa phansi le futhi angifuni nje ungiveze nangobhozo,” kusho lo mthombo.
“Angifuni ukulahlekelwa yisinkwa sabantwana. Kodwa khona engikuzwile wukuthi naye (uMngqithi) uyahamba impela.”
ISundowns idedele uRulani Mokwena obengumqeqeshi kuleli viki, kanti bekubambe uManqoba Mngqithi ekucijeni iqembu.
Leli qembu lilungiselela isizini elizobe libhekwe kakhulu kulokhu ngenxa yalezi zinguquko ezenzekayo okuthiwa ziholwa uFlemming Berg oyiSporting Director.
Sebekhona abaqeqeshi ababili abanamava okuthiwa ixoxa nabo iSundowns, kodwa ibingakamqashi.
OLUNYE UDABA: Kunokungenami ngokushiyana kwamaholo kwiSundowns
Imizamo yokuthola ukuthi ngabe ubekhona yini ejimini namuhla uMngqithi nayo ayiphumelelanga.