Kunokungenami ngokushiyana kwamaholo kwiSundowns
– Sibongiseni Gumbi
Ukungalingani kwamaholo kwiMamelodi Sundowns sekuqubule ukungenami kwabadlali abathile eqenjini, kodwa bafela ngaphakathi.
IMamelodi Sundowns yaziwa njengeqembu eliholela kahle kuleli futhi cishe bonke abadlali bayafisa ukuyodlala kuyo.
Kodwa manje sekuvela ukuthi indlela abaphathi abawahlela ngayo amaholo kwiMamelodi Sundowns ayinabo ubulungiswa.
Lezi zindaba zivezwe wumbiko wentatheli yePower FM uMasekepe Matsebane, ewushicilele kwi-X ngoLweisne ekuseni.
Kulo mbiko uchaza ukungazwani kwabaphethe uGrant Kekana neSporting Director yeSundowns uFlemming Berg ngenkontileka entsha.
Kuvela ukuthi inkontileka akuyo uKekana izophela uma kusongwa le nyanga (uJulayi) kanti iSundowns ihudula izinyawo ukuyivuselela.
“Lo mlisa (uFlemming Berg) ulande abantu baseSouth America abahola izigidi ngenyanga,” kucashunwe lo mthombo usho kanje.
“Futhi abadlali okhuluma ngabo lapha, njengoGrant bafaka isandla masonto onke ekunqobiseni iqembu.
“Kodwa abaholi ngisho uhhafu wemali eholwa abafana abafana noMarcelo Allende noMatias Ezquivel.
“Abafana banomuzwa wokuthi akulungile lokhu. NoKekana ubengaceli okuningi.
“Akushoyo ukuthi, ‘Ngenze kahle lapha, ngazibonakalisa, ngadlala kwiBafana, ngingumdlali ovelele kule sizini khombisa ke ukuthi uyabonga’.
“Kodwa uSPorting Diroctor akakugqizi qakala lokho. Lena yinto efanayo neyenzeke ku(Hashim) Domingo no(Bongani) Zungu. Abafana abeneme.”
UFlemming kusolwa yena nangokuhamba kukaRulani Mokwena obengumqeqeshi kuleli qembu.
UMokwena uxoshwe ngoLwesithathu kanti kuthiwa ngaphezu kokungazwani noBerg, wehlulekile ukunqoba izindebe abebekelwe zona.
OLUNYE UDABA: Ithathwe ‘kahle’ iBafana kweyokuhlungela i-Afcon
Ubebekelwe ukuthi anqobe iDStv Premiership – akwenzile – nendebe eyodwa yakuleli – wehluleka – neCaf Champions League – nayo wehlulekile kuyo.