ISuperSport ihlola umgadli waseNigeria ‘othembisayo’
– Intatheli yeLisenethini
U-Andy Okpe, umgadli waseNigeria othembisayo uzilolonga yeSupersport United njengoba leli qembu lifisa ukumbonela eduze.
ISuperSport United ihlola u-Okpe ngenhloso yokumsayina kwazise ifuna umgadli ulandela ukuthi u-Etiosa Ighodaro ebimboleke kwiMamelodi Sundowns ebuyele kuyo.
U-Okpe, oneminyaka engu-23, ubedlala kwiRivers United ngesizini edlule, lapho ezakhele khona igama ngokushaya amagoli ayisikhombisa kwiligi.
Kuvela ukuthi izingxoxo phakathi kweRivers United neSupersport United ngokudayiselana lo mgadli seziqalile.
Kuthiwa u-Okpe wenza kahle ejimini okwamanje futhi uyakhombisa ukuthi angaba yisixazululo senkinga yamagoli kuMatsatsantsa a Pitori.
AbeSupersport kuthiwa bahlabeke umxhwele ngendlela ashesha ngayo, nekhono lakhe lokukhahlelela ipali.
Asebeke bambona ngamehlo ezicija neSuperSport bancome ikhono lakhe lokususa indoda uma iphambi kwakhe.
Omunye uthe uma esehlangene kahle noKeagan Dolly kuleli qembu likaGavin Hunt, kuzokhala abantu inkosi impela.
ISuperSport ibike yamataniswa noZakhele Lepasa we-Orlando Pirates kodwa manje sekuvela ukuthi ayimtholanga.
OLUNYE UDABA: Ukucucuza kweDowns kungazuzisa iKaizer Chiefs
ULepasa ubeke wabolekiswa kuleli qembu ngesizini eyandulela edlule kodwa wabuya ngedlule yize engazange adlale kangako.
Njengamanje leli qembu lisele noBradley Grobler osekhulile nohlushwa kakhulu wukulimala.