EzintshaMamelodi SundownsOrlando Pirates

Inkakha incoma iDowns ngokuxosha uRulani Mokwena

Ebhala ekhasini lakhe likaFacebook, u-Eugene Zwane uveze ukuthi kungani ekholelwa ekutheni iSundowns yenze kahle ngokuhlukana noRulani Mokwena.

Ukuxoshwa kukaMokwena, okushiye abalandeli abaningi bebambe ongezansi, kube ngundabuzekwayo ebholeni lakuleli kuleli sonto. 

Yize isinqumo besingazelelwe kodwa izinkomba zithi ukuxoshwa kukaMokwena bekuvele sekunesikhathi kulindelekile ezinhlakeni ezithile ikakhulukazi kwabezindaba. 

U-Eugene Zwane, oke waba ngumhlaziyi kwiSABC Sport, weseka isinqumo seSundowns sokuxosha uRulani Mokwena.

NgokukaZwane, iphutha elikhulu likaMokwena wukuthanda kwakhe ngoweqile ukuphatha. Ukuphawula kukaZwane kuqubule enye inkulumo-mpikiswano kubalandeli nabahlaziyi, kwengeza esinye isahluko kule ndaba emangazayo. 

Nakuba abanye bevumelana noZwane, abanye banomuzwa wokuthi ukuzinikela nokusebenza kanzima kukaMokwena bekufanele kwenze axolelekile ulokho angakwenzanga kahle. 

“Umqeqeshi ubhekelele ukudlalwa kwebhola. Umqondisi ubhekelele ukudlalwa kwebhola nebhizinisi leqembu. 

“Uma uphikisa igunya lomphathi udala inkinga,” kubhala uZwane owadlala kwiPirates ngeminyaka yabo-90.  

“Uma uphikelela ngokuthenga abadlali abangeke baphinde badayiswe ngemuva kwamasizini amabili, unenkinga enkulu. 

“Uma ikilabhu ikhokha amaholo angcono kakhulu, ichitha imali eningi emakethe ithenga abadlali abaningi… 

“Wena bese uletha isicoco seligi kuphela, unenkinga enkulu kakhulu.” 

UZwane naye akakwazanga ukuzibamba ekutheni agcone uMokwena ngemigilingwane asolwa ngayo yokuzenza uPep Guardiola weManchster City. 

“Izinkinga zikaPeplani (uMokwena) kwiSundowns aziqalanga izolo (ngoLwesibili). Bezilokhu zikhula futhi bekufanele ziqhume manje.”