UVincent Pule uphawula ngokushiya kwakhe kwiBucs
– Sibongiseni Gumbi
Ubesehlale kwi-Orlando Pirates iminyaka eyisithupha futhi esengomunye wabadlali abanamava nabangaconsi phansi kubalandeli uVincent Pule.
Kodwa kuleli sonto i-Orlando Pirates imemezele ukuthi uVincent Pule useyahamba kulo, lamfisela okuhle laphoo ezoya khona.
Okucacile wukuthi njengoba eseneminyaka engu-32, uPule usangadlala kwelinye iqembu futhi akulindelekile ukuthi kumthathe isikhathi ukulithola.
Empeleni nje sekuvele kunamahlebezi okuthi uGavin Hunt usebatshelile abaphathi beSuperSport United ukuthi abanyakaze.
Ngakolunye uhlangothi, uVincent Pule yena usavala ikhasi lakhe kwiPirates ngokuthi avalelise ngenhlonipho nokubonga.
“Emndenini wami we-Orlando Pirates,” kubhla leli nxele kwi-Instagram yalo ngoLwesithathu.
“Ngithatha leli thuba ukuveza ukubonga kwami. Kusihlalo, u-Irvin Khoza, ngiyabonga ngethuba onginike lona lokuba yingxenye yale sikhungo esimangalisayo.
“Kubaphathi nethimba labaqeqeshi, ukuzinikela, ubuchule nemizamo engenamkhawulo ngale esithe iyamangalisa.
“Kozakwethu, kube yintobeko nentokozo kimi ukuba senkundleni eyodwa nabantu abanethalente futhi abazinikele njengani.
“Ukuzwana esikwakhile enkundleni nangaphandle kuzohlale kunendawo ekhethekile enhliziyweni yami.
“Ngiyabonga ngezinkumbulo esizakhe ndawonye,” kuqhuba lo mdlali wafika kwiPirates esuka kwiBidvest Wits.
“Okokugcina, kodw aokungasho ukuthi akubalulekile, ngibhekisa kubalandeli bethu abathembekile…
“Ukuzinikela kwenu okungenamkhawulo ekusesekeni kunenze naba yinsika yeqembu.
“Ugqozi lwenu lusifake umfutho wokuthi sifake amandla athe xaxa, sifise izinto ezinkulu, futhi singalilahli ithemba.
“Ngalokho, ngiyohlezi nginibonga. Ngiphinde ngibonge ngakho konke, nazi ukuthi ngiyihlale ngizikhumbula izikhathi ezimnandi esibe nazo.”
OLUNYE UDABA: Sekusemthethweni, uRulani Mokwena ugajiwe kwiDowns
UVincent Pule ube ngumdlali wesikhombisa ukudedelwa yi-Olrando Pirates njengoba kuvalwe isizini futhi izihlela kabusha nje.