UThembinkosi Lorch uqala ibhizinisi, usaziwayo uyamsola
– Intatheli yeLisenethini
Isihlabani seMamelodi Sundowns, uThembinkosi Lorch, sisematheni ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuvela kwezithombe ethenga iloli.
Kucatshangwa ukuthi ukuthenga kukaThembinkosi Lorch leli loli elikhulu kuwuphawu lokuthi uzongena ebhizinisini lokuthuthwa jwempahla.
Bakuncomileke abaningi bethi kusho ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-30 obegijima kwi-Orlando Pirates usecabangela ikusasa.
Iwebhusayithi yezindaba zikaqedisizungu, i-MDN News ifake izithombe zalo mdlali kwi-X.Com, imncoma ngalesi sinyathelo sakhe.
Abalandeli nabalandeli abaningi bazwakalise ukumeseka kulesi sinyathelo futhi basincoma impela bethi ukhombisa ukukhula.
Nokho, akubona bonke abahambisana nesinqumo sikaThembinkosi Lorch oshiye abalandeli bekhala kwiPirates ngoJanuwari eya kwiSundowns.
Isihlabani somculo uNota Baloyi, siyihlale sayihlakaza lento eyenziwe yilo mdlali, sithi wenza into ngoba ebone kwenza abanye.
“Ubufakazi bokuthi akanabo abeluleki abakhaliphile bezemali, iTransnet izokwenza ibhizinisi libe nzima ngaphambi kokuthi aqede ukukhokhela leli loli…
“Umqondo waseKasi uyisitha sengcebo yomuntu omnyama!,” ibhale kanje le nsizwa.
“Ubengathenga iqembu lebhola asebenzise igama lakhe ukuze alitholele abaxhasi esikhundleni sokungena ebhizinisini angazi lutho ngalo.
“Ulithenge nje ngoba nakhu ekhona iloli… Wenze ngoba ebone abanye benza.
OLUNYE UDABA: Umlando iPirates neChiefs bedayiselana umdlali
“Akusebenzi ke lokho ebhizinisini. Namathela kulokho okwazi kahle,” kuqhuba uBaloyi.