EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

Umlando iPirates neChiefs bedayiselana umdlali

UBongani Sam usenenkontileka ne-Orlando Pirates kanti kungaqopheka umlando uma imdayisela iKaizer Chiefs.

Ngokubika kweSABC Sport, la makilabhu womabili afinyelele esivumelwaneni esingajwayelekile sokudayiselana ngoSam.

Kuvela ukuthi sekulindwe ukuthi ahlolwe wodokotela bese eqedela ukusuka kwi-Orlando Pirates aye kwiKaizer Chiefs.

Kuyaziwa ukuthi lamaqembu ayizimbangi futhi awadayiselani abadlali ngqo, kodwa bayaye bayodlula kwamanye kuqala.

Enye indlela kuba wukuthi umdlali aphelelwe yinkontileka kwelinye, anqabe ukuvuselela bese eya kwelinye. 

Kodwa kulokhu, uma konke kuhambe kahle, uSam kulindeleke ukuthi abonakale eNaturena ngesizini ezayo. 

Kuthiwa abaphathi bePirates banqume ukungamvimbeli uSam isiwalo esiha kwiChiefs, okubhekwe ukuthi yethule umqeqeshi wayo omusha, uNasreddine Nabi maduze.

USam uhlale izinyanga eziyisithupha engadlali kulandela ukumisw akwkahe kwiMoroka Swallows abebolekiswe kuyo yiPirates ngesizini edlule.

Izinkinga zemali kwiSwallows ziholele ekutheni uSam angakwazi ukudlala engxenyeni yesibili yesizini ka-2023/24. 

Njengomdlali wePirates onenkontileka, bekumele abuye ukuyohlolwa ngumqeqeshi uJose Riveiro ngaphambi kokuba avunyelwe ukuxoxa neChiefs.

Kodwa manje njengoba iChiefs isidedele umakadebona wasemuva kwesokunxele uSifiso Hlanti, leli qembu lidinga umuntu ozovala isikhala sakhe. 

I-SABC Sport ithole ukuthi uNabi nethimba lakhe labaqeqeshi bayakweseka ukusayinwa kukaSam kuMakhosi. 

Khonamanjalo, iChiefs izofulathela elakuleli ibhekise amabombo eTurkey ngoLwesine njengoba iyokhempa khona ukulungiselea isizini entsha.

Kulapho kulindeleke abadlali bahlangane khona okokuqala noNabi njengoba kuvela ukuthi uzosuka eMorocco aye khona.