UGilberto muhle impela kodwa… uKhanye uyaphawula
– Intatheli yeLisenethini
Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uJunior Khanye, ukholelwa ukuthi i-Orlando Pirates iveze izinhloso eziqinile ngokusayinisa obengumdlali wasesiswini wePetro de Luanda, uGilberto.
AmaBhakabhaka amemezele ngokusemthethweni ukuthi athenge uGilberto oneminyaka engu-23 wase-Angola ngoLwesihlanu olwedlule.
UGilberto usayine ienkontileka yeminyaka emithathu kwi-Olrando Pirates kanti kulindeleke ajoyine ozakwabo ekhempini ezoba seSpain ngesonto elizayo.
I-Orlando Pirates iqede isizini ka-2023/24 yeDStv Premiership isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-50 yaphinde yathola izindebe ezimbili zasekhaya: iMTN8 neNedbank Cup.
UKhanye ubona lokhu kusayina njengophawu olucacile lwezifiso zabo.
“Kuyacaca manje ukuthi iPirates iqondeni,” kusho uKhanye kwi-iDiski TV kuleli sonto.
“Bafuna ukufana (neMamelodi) Sundowns, bafuna ukwenza kahle kwiChampions League.
“Bafuna ukuzibona beqine njengeMamelodi Sundowns futhi ukuze wenze lokho udinga abadlali abanamava.
“Akayena umdlali omubi, udlala phambili kwesokudla, nakwesokunxele naphakathi nendawo.
“Ngimbonile, unamandla futhi ungumdlali onekhono elihle kakhulu.
“Ngicabanga ukuthi isayinise kahle iPirates. Ngikhumbula ukuthi wageja iphenathi bedlala neSundowns kwi-AFL (African Football League) kodwa noma ngubani angayigeja iphenathi futhi waba nomdlalo omuhle.
“Ngicabanga ukuthi iPirates ihlose lukhulu futhi ifuna ukuncintisana njengeSundowns.
“IPirates inabadlali abahle abagijima kwiDStv Premiership, ukubonile okwenzile kule sizini uma uyiqhathanisa namanye amaqembu.
“Ngisho ukunqoba izindebe ezimbili akulula. Kodwa ulwazi lwalo mfana, isimilo sakhe, uyabona uma edlala uzinikela ngakho konke nesimo sakhe sengqondo sokunqoba.
“Ubengeke abe kuleli qembu ukube ubengeyena umdlali osezingeni eliphezulu,” kuncoma uKhanye.
OLUNYE UDABA: ‘Abadlali bebefona bekhala,’ kusho uRulani Mokwena
Usuke ungumdlali omuhle impela uma unconywa uKhanye owaziwa ngokungahlonizi uma encoma noma egxeka.