UHotto uvuleleke ngenzondo ayithola efika kwi-Pirates
– Sibongiseni Gumbi
UDeon Hotto uvule isifuba ngezinselelo abhekane nazo kwi-Orlando Pirates, wadalula ukuthi abanye ozakwabo babengeneme ngokudlala kwakhe njalo.
Lo mdlali odabuka eNamibia uveze ukuthi ukungagculiseki kozakwabo kwi-Orlando Pirates kudalwe wukuqokwa kwakhe ukuthi adlale cishe yonke imidlalo.
Uthi lokhu kungenzeka yikho okubhebhethekise ukungezani okuke kwaba khona eqenjini.
Ithumba lokungezwani kubadlali be-Orlando Pirates libhothsizwe uPaseka Mako oveze ukuthi uThembinkosi Lorch wayenomona ngoHotto.
Lokhu kuvele ohlelweni lwePirates oludlala kwiSuperSport TV njengoba kuvalwe isizini iChange Room.
Lolu hlelo luveza konke okwenzeka esithe eqenjini, bese abadlali baphawule ngezigameko ezenzekile.
UHotto, oneminyaka engu-33, uphinde wadalula ukuthi lokhu kungaboni ngasolinye nabathile kudale uqhekeko eqenjini, kwaba namaqoqo.
“Ngemuva kwalokho kwase kuba namaqoqo eqenjini,” kuchaza uHotto ngalesi sigameko.
“Ngakho-ke, emaqenjini ngokusobala, kuzoba nomuntu oyedwa osendelene nami, ozongitshela ukuthi abafana bathini eqoqweni labo.
“Konke kuqale lapho (uHotto udlala yonke imidlalo). Futhi ngiyakhumbula ukuthi ngaya kumqeqeshi ngamtshela ukuthi ngicela ukungadlali emdlaweni othile.”
Umqeqeshi, uJose Riveiro, akakuvumanga lokho waqhubeka nomdlalisa uHotto.
“Ngakho-ke, ngamtshela ukuthi, ‘Uma sekudlalwe imizuzu engu-60 futhi sihamba phambili, ngicela ungikhiphe…’
“Ngathi lokhu kuzokwenza nabanye babone ukuthi nami ngiyakhishwa, ‘Ngoba uma ungangikhiphi, baba nomuzwa wokuthi ngilapha mhlawumbe ukuzontshontsha indawo yabo’.
“Ngakho-ke kwaba yileso sikhathi lapho babezizwa besalela khona ngoba lo mdlali (oyimi) usanda kufika.
“Manje wonke umuntu usekhuluma ngaye, manje abantu abasakhulumi ngaye, kulapho kwavela khona izinto eziningi.
OLUNYE UDABA: Kubonakale ‘oxoshiwe’ ejima kwiMamelodi Sundowns
“Yilapho-ke ingxabano eyaqala khona,” kuphetha uHotto ongowaseNamibia ngokuzalwa.