EzintshaMamelodi Sundowns

UMokwena uveza ukuphela komqeqeshi angaba yiphini lakhe

URulani Mokwena ubuzwe ukuthi angaphinda yini abe yiphini ngemuva kokudedelwa kwakhe kwiMamelodi Sundowns la abengumqeqeshi kuyo.

Bese kuphele isizini nengxenye uRulani Mokwena engumqeqeshi ngokuzimela kuMasandawana ngaphambi kokuxoshwa kuleli sonto.

Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide ngoLwesithathu ebusuku, uMokwena ubuzwe ngokuthi usangabuyela yini ekubeni yiphini.

Uthe engakwenza lokho kodwa kunomqeqeshi othile angavuma kuyena – lowo ngu-Ernst Middendorp. 

“Ngingathanda ukuba yiphini likaMiddendorp,” kusho uMokwena kwaze kwathuka kwayena uRobert Marawa obeshayela lolu hlelo. 

“Ngiyazama ukukhuluma naye njalo, ngiyazi sobabili sinezinhlelo ezithothelene futhi isikhathi asibi naso. 

“Ngiyakuthanda ukuthi uyahlonishwa ezweni lakubo eGermany,” kuqhuba lo mqeqeshi. 

“Ngithanda ukuthi ngendlela ahlonishwa ngayo eGermany, engaqeqesha noma yiliphi iqembu kwiBundasliga kodwa ukhetha ukuba kuleli.”

Uvumile ukuthi ngesikhathi beqeqesha kwizinkunzi zaseSoweto – uMiddendorp ekwiKaizer Chiefs uMokwena ekwiPirates – bake baqhukuluzana. 

“Ngesikhathi ngikwiPirates sasinokungezwani. Kodwa lokho sesakudlulisa futhi ngingathanda ukuba yiphini lakhe.”

Kodwa ngabe uMiddendorp uyazi yini ukuthi umhlonipha kangaka, uthe uyasola ngoba bayaxoxa.

“Ngiyazi unephini njengamanje futhi umuntu okahle kakhulu owaziyo umsebenzi wakhe futhi angiqondile ukumdelela.

“Ngicabanga ukuthi uyazi, angikaze ngimfonele ngalokho (ngokusebenza naye). “Kodwa ngiyasola ukuthi uyazi ngiyafisa ukusebenza naye ngelinye ilanga,” kuchaza yena.

UMiddendorp ukwiCape Town Spurs ezodlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo njengoba edliwe yizembe kwiDStv Premiership. 

Indlela akhulume ngayo uMokwena, iveze ukuthi ngeke abe nenkinga nokuyosebenza noMiddendorp kwiChampionship.