UMokwena ‘usenawo umsebenzi’, ufunwa elaseMorocco
– Sibongiseni Gumbi
URulani Mokwena, obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uthi unawo umsebenzi wokuqeqesha azowenza.
Nokho kungenzeka asheshe awushiye uRulani Mokwena lo msebenzi agave ngawo ngoba sekubhekwe ukuthi athathe isikhundla sokuqeqesha esingenamuntu kwi-AS FAR Rabat yaseMorocco.
URulani Mokwena usekhululekile ukuthi engajoyina noma yiliphi iqembu kulandela ukukhululwa kwakhe kwiSundowns ngoLwesine.
Manje i-AS FAR Rabat nayo ayinaye umqeqeshi oyinhloko ngemuva kokuthi uNasreddine Nabi eqoke ukuyishiya ayojoyina iKaizer Chiefs.
Lo mqeqeshi usebenzise umbandela wokukhululwa obukwinkontileka yakhe ukushiyakuleli qembu ngemuva kwesizini eyodwa.
UNabi ubalule ithuba lokusebenza endaweni ehlukile nokufunda isiko elisha njengezinto okuyizona ezimhehe kakhulu kwiChiefs.
Kulindeleke ukuthi ahlangane nabaqashi bakhe abasha eTurkey, lapho iChiefs inekhempu yokulungiselela ukuqala kwesizini khona.
URulani Mokwena umataniswe nalo msebenzi we-AS FAR Rabat ngemuva kwamahora ambalwa ehambile kwiSundowns.
Ukhulume neMarawa Sports Worldwide ngoLwesithathu ebusuku, waveza ukuthi yena unawo umsebenzi wokuqeqesha omlindile.
Uthe ubengakezwa lutho ngentshisekelo ye-AS FAR Rabat futhi wezwakalisa isifiso sokuthatha amasonto ambalwa ukuthi abuyise amandla.
“Senginawo ‘umsebenzi’ neqembu lami iBlack Poison, engalisungula eminyakeni embalwa edlule,” kusho uMokwena.
“Ngizoqeqesha iBlack Poison kula masonto azayo, ngiyozama ukuzivuselela.
“Ngizobuyela emuva ngiyozama ukubona ukuthi ngeke yini ngivuseleleke uma ngilapho kwaqala khona konke.”
Nokho akungabazeki ukuthi ithuba lokubuyela kwiCaf Champions League neFAR Rabat ngeke kube lula ukuliyeka kuMokwena.
Uma uMokwena engasamukela lesi sikhundla kuzogqama isiqephu esisha emsebenzini wakhe wokuqeqesha, okuzomnika ithuba lokuhola elinye lamaqembu aseNyakatho ne-Afrika.
OLUNYE UDABA: Sekuputshuke ijezi lasekuhambeni le-Orlando Pirates
Khonamanjalo, ukufudukela kukaNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs kukhomba isizini ethembisayo ezizobhekana nayo lezi zinkunzi zaseNingizimu Afrika.