Sekusemthethweni, uRulani Mokwena ugajiwe kwiDowns
– Sibongiseni Gumbi
IMamelodi Sundowns noRulani Mokwena bavumelene ngesihle ukuthi bazohlukana, nokuyinto evala isahluko salo mqeqeshi osemncane kuleli qembu.
Iqembu lizwakalise ukubonga ngamagalelo kaRulani Mokwena, obambe elikhulu iqhaza empumelelweni yalo ngesikhathi engumqeqeshi.
URulani Mokwena, othathe izintambo zokuqeqesha kuPitso Mosimane eminyakeni embalwa edlule, uhole iSundowns ngempumelelo.
“URulani Mokwena uzohlala njalo eyingxenye yomndeni weMamelodi Sundowns,” kusho leli qembu esitatimendeni.
Kugcwele kwabezindaba ukuthi kube yingxabano abe nayo nomqondisi wezokuqeqesha eqenjini, uFlemming Berg okuqhathe uMokwena nokuxoshwa.
Kodwa leli qembu likuchithile lokhu, yize lingazange lisaziveza izizathu okuyizo eziholele ekutheni akhinjwe indlela.
“Futhi iqembu limfisela konke okuhle ngekusasa lakhe… Isinqumo seMamelodi Sundowns sithathwe yibhodi ngokubhekelela izinjongo nokulindelwe yikilabhu.
“Lesi sinqumo asizange sisekelwe ezincomweni zanoma yimuphi umuntu ohlangene neqembu.
“ISundowns izimisele ngokujulile ekuthuthukiseni nasekukhuliseni abaqeqeshi nabadlali baseNingizimu Afrika.”
UManqoba Mngqithi – obesethimbeni labaqeqeshi kuleli qembu – nguyena ozobe eseqhubeka nomsebenzi.
“Umqeqeshi uManqoba Mngqithi nethimba lbaqeqeshi bazoqhubeka nokuhola nokulawula ukulungiselelwa kwesizini ezayo.
OLUNYE UDABA: UThembinkosi Lorch uqala ibhizinisi, usaziwayo uyamsola
“IMamelodi Sundowns ilungiselela futhi igxile ilwele ukunqoba kuyo yonke imiqhudelwano ezayo…”