Sekuputshuke ijezi lasekuhambeni le-Orlando Pirates
– Intatheli yeLisenethini
Njengejezi labo elisha lasekhaya, ijezi le-Orlando Pirates lasekuhambeni seliputshukile futhi alizange lithandeke kubalandeli.
Ijezi eliluhlaza okwesibhakabhaka nomsiko ongavamile wemigqa esesifubeni nasesiswini, yilona okuthiwa lizogqokwa yi-Orlando Pirates emidlalweni yasekuhambeni.
Nejezi labo lasekhaya nalo laputshuka kodwa ngokuhamba kwesikhathi i-Orlando Pirates yaqinisekisa ukuthi yilona.
Kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi leli lakamuva ukuputshuka ngabe yilo ngampela yini.
Khonamanjalo i-Orlando Pirates izovakashela e-Europe la izobambela khona ikhempu yokulungiselela isizini ezayo. Izozinza eSpain.
Bahlelelwe imidlalo emithathu yobungani namaqembu aphezulu e-Europe nase-Asia okuhlanganisa neleLaLiga, iSevilla.
Ijezi lomakhelwane bayo, iKaizer Chiefs nalo liputshuke kuleli sonto futhi alizange libachaze abalandeli.
Namanje kusalindelwe ukuthi iqembu liqinisekise ukuthi ngabe yilo ngempela yini ijezi elizogqokwa yilezi zinkunzi ngesizini ezayo noma cha.
OLUNYE UDABA: Iyaqina ekaFadlu Davids nezinkunzi zaseTanzania
Nayo iChiefs iyowenzela e-Europe amalungiselelo ayo esizini entsha njengoba izoyokhempa eTurkey kusukela ngoLwesihlanu.
Zibukele, nali llei jezi ngezansi: