EzintshaKaizer Chiefs

Kudalulwa izinhloso zeKaizer Chiefs ngokuya eTurkey

Ithimba leKaizer Chiefs, okuhlanganisa nabadlali nabasebenzi bethimba labaqeqeshi, lizohlala cishe amasonto amathathu phesheya, lizilolonga futhi lidlala imidlalo yobungani namaqembu aphezulu aseTurkey. 

Lokhu kuphawula uhambo lokuqala lwamazwe ngamazwe lweGlamour Boys eminyakeni engu-21. 

Uhambo lweKaizer Chiefs lwangaphambi kwesizini lwangaphandle kweNingizimu Afrika lwaluseSouth Korea ngo-2003.

Kulapho yafike yadlala kwiPeace Cup, ibhekene namaqembu afana ne-Olympique Lyon, Besiktas, ne-Seongnam Ilhwa Chunma, futhi basebenzisa izinsiza zeNdebe yoMhlaba yeFIFA ka-2002.

“Ito ebaluleke kakhulu ekhempini yokulungiselela isizini ukwenza isiqiniseko sokuthi iqembu lakha ubumbano nokulungela ngokwengqondo isizini ezayo. 

“Lokhu kubalulekile njengoba wonke amaqembu aphezulu kudingeka asebenzisane ukuze abuyise amandla ukuze alungele izinselelo ezizayo,” kusho umqondisi kuleli qembu, uKaizer Motaung Jr. 

“Lokhu kusiza kakhulu ikakhulukazi kithi njengoba sinethimba elisha labaqeqeshi elizayo. 

“Kuzosiza ukuthi basebenze kahle nabadlali bengekho endaweni abayijwayele, ukuze bakwazi ukubona kahle okumele bakwenze…

“Sibheke ngabomvu uhlelo lwamalungiselelo oluhle kakhulu, futhi sithemba ukuthi iqembu lizokwazi ukugxila emsebenzini walo njengoba silungiselela ukuqala isizini ngamandla,” kwengeza yena.

IKaizer Chiefs inomlando omude kakhulu neTurkey futhi isidayise inqwaba yabadlali emaqenjini akuleliya zwe. 

Phakathi kwabadlali abagqamile abasuka kwiChiefs baya kwiSuper Lig, singabala uJohn ‘Shoes’ Moshoeu, uFani Madida, uDonald ‘Ace’ Khuse, uSteve Komphela, uPollen ‘Trompies’ Ndlanya noSiphiwe ‘Shabba’ Tshabalala.

“Siyabonga ukuthi sikwazile ukufeza iphupho lethu lokulungisa iqembu phesheya kwezilwandle. 

“Lokhu kusinika ithuba lokukhangisa igama leKaizer Chiefs ngaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika. 

“Sibheke ngabomvu uhambo oluyimpumelelo futhi sithemba ukuthi luzosiholela ekuwineni, njengoba senza ngesikhathi sibuya eKorea ngo-2003,” kusho ophethe ezokukhangisa kwiChiefs, uJessica Motaung.

Iqembu lizobe lizinze emadolobheni ase-Izmit nase-Istanbul ngesikhathi livakashele eTurkey, ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika ukuzoqala isizini entsha yeDStv Premiership.