EzintshaMamelodi Sundowns

Kubonakale ‘oxoshiwe’ ejima kwiMamelodi Sundowns

IMamelodi Sundowns ikumemezele ngoLwesithathu emini ukuthi uMokwena akaseyena umqeqeshi wayo, futhi lo msebenzi uzobanjwa uManqoba Mngqithi.

Manje osibhincamakhasane bathi babone umdlali uMokwena abethe akaseyena oweMamelodi Sundowns esejimini yeqembu. 

Ekhuluma kwiPower FM ngenyanga edlule, uMokwena waveza ukuthi u-Abubaker Nasir akaseyena umdlali waleli qembu. 

“Akayena umdlali weSundowns, ngakho-ke angifuni ukukhuluma ngo-Abubakker Nasir ngoba akayena umdlali weSundowns,” kusho uMokwena ngaleso sikhathi.

Ukubonwa kukaNassir enkundleni okuzicijela kuyo iSundowns ngoLwesithathu sekususe ukuqagela ngaye eqenjini. 

UNasir, oseke wakhombisa ikhono elikhulu, unyamalale ngenxa yokulimala okuholele ekutheni angabhaliswa kubadlali abebezodlala ngesizini edlule. 

Ukuba khona kwakhe ngokungalindelekile eChloorkop kuqubula imibuzo mayelana nokubuyiselwa kwakhe eqenjini.

Inkulumo kaMokwena phambilini ike yaphakamisa ukuthi kuthathwe isinqumo esicacile ngoNassir.

Kodwa okwenzeke ngoLwesine kukhomba ukuthi kungase kube nosinye isahluko endabeni yakhe neSundowns. 

Ukuthi ngabe lokhu kuchaza ukubuya kukaNasir noma usazobuye akhululwe kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi. 

Njengoba kusaqhubeka izinhlelo zokulungiselela isizini, amehlo azobe ethe njo kwiSundowns ukuthi izosilungisa kanjani lesi simo nokuthi uNasir uzophinde ayifake yini imibala yeqembu. 

Abaphathi beqembu abakasikhiphi isitatimende esisemthethweni mayelana nesimo sikaNasir nekusasa lakhe kwiSundowns.

Efika kuleli qembu, uNasir, odabuka e-Ethiopia, wakhombisa ukuba ngumdlali obukhali futhi ofika nendlela ehlukile yokuhlasela kuMasandawana. 

Le nsizwa eneminyaka engu-24, idle ngejubane nomjiko kanti isikhathi sisayivumela ukuthi idlale isikhathi eside kuleli qembu lasePitori.