Iyaqina ekaFadlu Davids nezinkunzi zaseTanzania
– Sibongiseni Gumbi
Umqeqeshi waseNingizimu Afrika okhula ngesivinini, uFadlu Davids kubikwa ukuthi usezitholele isikhundla esiha kwiSimba SC yaseTanzania.
UFadlu Davids sekuphele amasonto ebhekwe ngabomvu kuleli qembu elizodlala kwiCaf Champions League kanti kukholakala ukuthi usesamukele isicelo salo.
Kuvela ukuthi obekubambezele uFadlu Davids wukuthi ubesaqedela umsebenzi wakhe kwiRaja Club Casablanca.
Lo mqeqeshi oke wasebenza kwiMaritzburg United ne-Orlando Pirates ubeyiphini lomqeqeshi uJosef Zinnbauer kwiRaja ngesizini edlule.
Nokho, ukumethemba nentshisekelo ekhonjiswe yiSimba kuye kubukeka sekugcine kumnqobile, wavuma ukuthatha lo msebenzi.
Ukuqokwa kukaFadlu Davids kuyisinyathelo esibalulekile emsebenzini wakhe wokuqeqesha, uthatha isikhundla sobuholi kwelinye lamaqembu aqavile e-Afrika.
Ulwazi lwakhe aluthole kwiRaja Club Casablanca nedumela lakhe elikhulayo emsebenzini wokuqeqesha e-Afrika kumenza abe yisikhali esibalulekile kwiSimba SC.
Abalandeli nabaphathi beqembu bazobe bewubheke ngabomvu umthelela waleli qembu elisha labaqeqeshi ekuletheni impumelelo emiqhudelwaneni yasekhaya neyezwekazi.
UDavids usanda kuphothula izifundo eziphezulu zokuqeqesha, i-Uefa Pro Licence abezenza e-Ireland ngasekupheleni kukaMeyi.
Ithimba elisha labaqeqeshi leSimba lizoma kanje:
- UFadlu Davids – Umqeqeshi Omkhulu
- UDarian Wilken – Iphini lomqeqeshi
- Mueez Kajee – Umhlaziyi
- Riedoh Berdien – Ocija imizimba yabadlali
OLUNYE UDABA: UHotto uvuleleke ngenzondo ayithola efika kwi-Pirates
Isikhundla somqeqeshi wonozinti sisazoqinisekiswa njengoba izingxoxo noCadeni zisaqhubeka.