EzintshaMamelodi Sundowns

‘Abadlali bebefona bekhala,’ kusho uRulani Mokwena

IMamelodi Sundown sikumemezele ngokusemthethweni ngoLwesithathu ukuthi seyihlukene noRulani Mokwena.

Nokho izindaba zokuthi uyahamba uRulani Mokwena kuleli qembu zivele ngoLwesibili ekuseni.

Kuningi ke okuvelile nokuthiwa yikho okumqhathe naleli qembu, kodwa naye wenqabile ukukuveza. 

“Okunye ngeke ngikwazi ukukuveza ngoba ngisayine incwadi engivimbela ukukhuluma ngesinye izinto,” kusho uMokwena kwiMarawa Sports Worldwide.

Ube eseveza ukuthi uzizwa sengathi wenzele phansi abanye babadlali abalule izinkontileka zabo kuleli qembu ngoba benxenxwa uyena.

Omunye walabo nguRonwen Williams, ongunozinti, osayine inkontileka yeminyaka emine kwiSundowns ezinyangeni ezimbalwa ezidlule. 

“Ukuhluleka kwami mhlawumbbe ngingathi kube ngoRonza (uWilliams),” kuqhuba uMokwena.

“Indlela engisebenza ngayo wukuthi ngiqgugquzela abadlali ukuthi babe ngabaholi.

“Abadlali kusukela izolo bayangifonela bayakhala… Kuze kukhale nezingane zabo, namakhosikazi abo.

“Ngazi imindeni yabo, izingane zabo ngakho bebengifonela abanye bengibonga, abanye bebuza ukuthi kwenzakani.

“Ukuqeqesha kunjena ke, kumele ukwazi ukukumela (ukufika kwesikhathi sokuhamba). Uyafika, bese kumele unqobe.”

UMokwena unqobe isicoco seDStv Premiership neseCaf African Football League kule sizini edlule.

Nokho kuvela ukuthi akakutholanga abebekelwe khona okuyisicoco seligi, indebe eyodwa yakuleli neseChampions League.

Naye ukuvumile ukuthi ukuhluleka kwiChampions League kube nomthelela kulokhu kuxoshwa kwakhe kwiSundowns.

“Angizange ngiyinqobe iChampions League kodwa ngiyaziqhenya ngesikuzuzile (kule sizini).

“Kodwa angiyinqobanga iChampions League futhi uma iqembu lithi angikuzuzanga elikufunayo… 

“Eqenjini elikhulu uma ufika kumele unqobe okubekelwe ukuthi ukuthole (ukuze uhlale).”