UMama Joy ‘uzincengele’ kungqongqoshe omusha wezeMidlalo
– Intatheli yeLisenethini
Umlandeli weRoyal AM neBafana Bafana, uMama Joy usephmele obala ‘wazincengela’ kungqongqoshe omusha wezeMidlalo, uGayton Mckenzie.
UMama Joy, ogama lakhe langempela nguJoy Chauke, umhalalisele akangaqeda uMckenzie ngemuva kokuqokwa kwakhe kuleli sonto.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi phambilini lo mnyango umphathe kahle uChauke, umhambisa emidlalweni emikhulu emhlabeni jikelele, ngaphansi kobuholi bukaZizi Kodwa.
Ngemva kokuqokwa kukaMckenzie kwakamuva, uMama Joy uphanyeke imilayezo yakhe yokumeseka ezinkundleni zokuxhumana.
“Siyakuhalalisela uGayton, ungqongqoshe wethu omusha wezeMidlalo,” kubhala uJoy Chauke.
Uqhubekile nemilayezo yakhe eyenze abantu bakubuka lokhu ‘njengokufesa’ ‘nokuzincengela’ kulo ngqongqoshe omusha.
Le ntokazi eneminyaka engu-50 ayizange ifihle ukuthi umnyango wezemidlalo yiwona awuthanda kakhulu.
Ngesikhathi elungiselela isimemezelo sikamengameli, wakuveza ukuthi ubheke ngabomvu ukwazi ukuthi ubani ungqongqoshe omusha wezeMidlalo.
Wenza kanjena nje kuvele kubhekwe emidlalweni yama-Olympics kanti yena nabanye abalandeli babheke ukuphinde bahanjiswe eParis ukuyokweseka ithimba lakuleli.
Lo mlandeli ubeseFrance ngesikhathi seNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo la afike wazitholela khona isoka.
Akungabazeki ke ukuthi engaphindela egijima kuleliya zwe uma uMckenzie engavuma ukubaxhasa.
Ethimbeni likaMama Joy elaliye eFrance kwakukhona noBotha Msila ongumlandeli omkhulu weBloemfontein Celtic.
Ngemuva kwemidlalo yama-Olympics, kuzoba neNdebe yoMhlaba yebhola eCanada, US naseMexico okungangabazeki ukuthi bazofisa ukuya nakuyo.
Yize uMama Joy egxekiwe ngalokhu ‘kufesa’ kwakhe, ukhombise ukungabi nandaba ngoba vele ukujwayele lokho.
OLUNYE UDABA: Ubhoboka ‘ngokuxabana’ noTito uTapelo Xoki
Wasolwa kakhulu ngesikhathi eshiya i-Orlando Pirates ayengumlandeli wayo wokuqiina, elandela ibhodwe eliconsayo ejoyina iRoyal AM.