EzintshaOrlando Pirates

Ubhoboka ‘ngokuxabana’ noTito uTapelo Xoki 

Ngesikhathi sekhefu, iPirates ihamba phambili ngo 3-0, kwaqubuka ukushuba kwesimo egunjini lokushintshela uTapelo Xoki noTito besho ukubambana ngezandla. 

Manje uTapelo Xoki usephumele obala, wachaza ngalesi sehlakalo ohlelweni lwePirates oluveza konke obekwenzeka esithe ngesizini edlule. 

Lolu hlelo, olubizwa ‘Changeroom’ luneziqephu ezimbalwa kanti luboniswa kwiSuperSport TV. 

“Mina noTito sinalolu hlobo lobudlelwano lapho ngisazama ukumqonda ukuthi uluhlobo luni lomuntu,” kusho uXoki. 

“Ngagaxela kuleyo ngxabano nami. Angiyena umuntu okhuluma njalo, kodwa kuyenzeka ngikhulume uma kudingeka.”

UTapelo Xoki uchaze ukuthi uMaswanganyi, edinwe wukungawatholi amabhola anele, wasola abadlali basemuva ngokungamphaseli. 

“Abadlali baphambili banenkinga yokuthi uma izinto zingabahambeli kahle bese besola thina basemuva.

“Naye wayekhungathekile ngokungalitholi ibhola, wabe eselibeka kithina icala,” kusho uXoki. 

“Wathi asilinyusi ibhola ngokwanele ukuze nabo bakwazi ukungena emdlaweni.”

Ukungaboni ngaso linye kwashuba kakhulu njengoba uXoki ayebhekene ngqo noMaswanganyi emnxusa ukuthi angalimazi umfutho weqembu. 

“Ngangimbona ukuthi uyavutha kanti nami ngiyavutha. Ngaleso sikhathi kwenzeka egunjini lokushintshela, okwakungeyona indawo efanele kodwa kwenzeka. 

“Singabadlali bebhola, sinemizwa futhi kwesinye isikhathi siyahluleka ukuyilawula,” kuvuma uXoki.

Lolu hlelo lwePirates luvezela abalandeli konke okusuke kade kwenzeka esithe kuleli qembu.

Kuke kwavela nokuthi uThembinkosi Lorch wavukwa umona ngoba ebona uDeon Hotto edlala njalo futhi enza kahle.

Kusolakala ukuthi yikho lokhu okwenze abaphathi babone kungcono bamdedele uLorch aye kwiMamelodi Sundowns.