DStv PremiershipEzintsha

UZothwane usevuke ngomsebenzi kweDStv Prem

UPapi Zothwane uzoba yiphini lomqeqeshi uClinton Larsen kuleli qembu elizinze eLimpopo. 

Ngokubika kweFAR Post, uPapi Zothwane ufike ePolokwane ngoMsombuluko ukuzoqala umsebenzi wakhe omusha. 

Ufike nolwazi olubalulekile ethimbeni labaqeqeshi leMagesi. 

Uzosebenza nomqeqeshi oyinhloko uClinton Larsen nephini lakhe lokuqala uJackie Ledwaba, obengumsizi kaLarsen kwiMotsepe Foundation Championship.

Ngaphambi kokujoyina iMagesi, uPapi Zothwane ubesethimbeni labaqeqeshi kwiBlack Leopards.

Uke wasebenza njengomqeqeshi weqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, iDlangezwa Hellenic FC. 

Phambilini, le nsizwa seyike yasebenza njengomqeqeshi kwiPolokwane City, Uthongathi FC, namanye amaqembu.

IMagesi FC iphumelele ukukhuphukela phezulu ngokuqeda esicongweni selogi yeMotsepe Foundation Championship ngamaphuzu angu-57 emidlalweni engu-30. Inqobe imidlalo engu-16, yadlala ngokulingana eyisishiyagalolunye yahlulwa kwemihlanu kuphela. 

Njengoba isizini entsha isondela, leli qembu kumanje lihlola umdlali oke wadlala kwiKaizer Chiefs uKgaogelo Sekgota. 

Kuvela nokuthi leli qembu lisezingxoxweni esizisezingeni eliphezulu nomdlali wasesiswini uDarrel Matsheke, naye oke wagijima kwiChiefs.